
Umbiko: Aphelele Mathanda Ngidi
Iqembu, Inkatha Freedom Party (IFP) yemukele ngokusemthethweni umholi ovelele nobengunobhala jikelele kwiqembu loMkhonto weSizwe Party (MKP), uBongani Mncwango namuhla endlunkulu yayo yaseThekwini.
UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa kanye noSihlalo waseKZN uThamsanqa Ntuli ibona abahole isithangami njengoba iqembu lamukela ilungu elisha. I-IFP ithi lesi sinyathelo sibonisa ukuzethemba okwandayo ebuholini kanye nombono weqembu phakathi kwesimo sezepolitiki esishintshayo saseNingizimu Afrika.
UHlabisa ube esencoma isinqumo sika Mncwango ngokuthi athathe isinqumo abe ilunga leqembu.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi iqembu le IFP lilungele ukuthi libe ingxenye yokhetho olulandelayo lomasipala ngoLwezi kuwona lonyaka.
Umncwango uveze ukuthi mane amaqembu abemufuna kubalwa nayo i-IFP kodwa wathatha isinqumo sokukhetha iqembu layo i-IFP ngoba ebona ukuthi ilona elimfanele njengoba limkantshubomvu kwezepolitiki.
