
Umbiko: Ntandoyakhe Nxumalo
Photo Cred: Ntandoyakhe Nxumalo
By Ntandoyakhe Nxumalo
UMnyango wezokuthutha KwaZulu-Natali ubambe umcimbi wawo wokuqala wemikomelo ye-NENZANI LA EZWENI, Road Traffic Inspectorate (RTI) ngomhlaka-7 kuMbasa 2026 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Lo mcimbi ubuhlose ukubungaza ukusebenza kahle komphakathi, ukuthanda izwe, ukugqama kwezokuphepha emigwaqweni kanye nokuqinisekiswa komthetho.
UNgqongqoshe wezokuthutha nokuhlaliswa kwabantu KwaZulu-Natali, uSiboniso Duma, uthe uyabonga ngokusekelwa okuvela kuyo yonke imiphakathi yazo zonke izinhlanga njengoba i-RTI iqhuba umsebenzi we-#Nenzani La Ezweni ngokukhulu ukuzethemba.
“Sibungaza ukuthi i-RTI yehlise ukufa ngo-18% ngesikhathi samaholide, okokuqala ngqa eminyakeni engamashumi amabili,” kusho uDuma.
Uveze nokuthi inhloso yalemiklomeliso ukukhuthaza amaphoyisa omgwaqo ukuthi asebenze ngokuzikhandla.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi unikeze umlayezo wokusekela izivakashi kanye nabaqokiwe futhi wabonga uNgqongqoshe ngesu lakhe lobuholi lokusingatha umcimbi ohlonipha i-RTI.
“Bengilokhu ngibabona njengabantu abazizwa benganakwanga phakathi kwabo bonke abasebenzi abangaphakathi komnyango, ngakho-ke ukuthi uthathe lesi sinqumo sokubahlanganisa ndawonye ukuze bezo bungazwa, kusho lukhulu kimi,” kusho uMkhwanazi.
Uqhube wathi noma inini lapho i-RTI edinga khona okuthile, i-South African Police Service (SAPS) izosiza, njengoba evumile ukuthi kunezinsiza eziningi i-RTI ezidingayo emaphoyiseni.

Isikhungo se-RTI yase Ladysmith sithole umkomelo wesifunda esenza kahle kakhulu ekusebenzeni ngesivinini, isifunda esenza kahle kakhulu ekusebenzeni kwezimoto ezinkulu, isifunda esingcono kakhulu esinokwehla okuphezulu kwenani labantu abashonile emigwaqweni futhi sanikezwa nomkomelo wesifunda esingcono kakhulu ngokusebenza kwaso okuhle kakhulu.
