I-EFF ithembisa ukukhuphula impesheni iyeku-R4500 uma inqoba ukhetho lohulumeni basekhaya luka-2026

Umbiko: Ntandoyakhe Nxumalo

I-Economic Freedom Fighters (EFF) yethule uhlelo lwayo lwenqubomgomo e-JL Dube Stadium eNanda, KwaZulu-Natal, ngomhlaka-19 kuMadulo 2026.

Lomkhankaso ubanjwe ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka-4 kuLwezi 2026. I-EFF yethule umqulu wayo wokhetho ngenhloso yokubhekana nokwazisa umongameli wayo uJulius Malema izinkinga ezikhona eThekwini kanye nokukhombisa indlela iqembu elingazixazulula ngayo lezo zinkinga.

Oqokwe ukuba iqembu lifolose ngaye ukungenela ukhetho lokuba yiMeya yaseThekwini, uKhomishana uHlengiwe Mkhaliphi, uthe ugesi eThekwini uhlale unqamuka, futhi banezinkinga ngemigwaqo njengoba ama-ambulance engakwazi ukungena kwezinye izindawo lapho kuhlala khona abantu.

“Ugesi eThekwini uyabiza, uma ubiza siyabuza ukuthi sizoyithatha kuphi imali yokuthi sambe siyowuthenga ugesi ngoba asisebenzi, awekho amathuba emisebenzi adalwa uMasipala waseThekwini,” kusho uMkhaliphi.

Uphinde wathi njengoba kunethuba lokuthi iTheku lithole iMeya entsha, bangakwazi bona njengeqembu ukudala amathuba emisebenzi ukuze bekwazi ukuphila kahle abantu kanye nemindeni yabo.

UMongameli we-EFF, uJulius Malema, ngenkathi enikeza inkulumo, uthembise ukuthi ngaphansi kukahulumeni we-EFF, abantu abathola impesheni bazothola imali engango R4500, futhi ngeke bawukhokhele ugesi.

“Sithembisa abantu baseThekwini uhulumeni oholwa ngowesifazane onolwazi olunzulu nobuholi obunekhono, owake waba semkhakheni kahulumeni wasekhaya ngaphambi kokungena kwezepolitiki zikazwelonke,” kusho uMalema.

UMalema uphinde wakhuluma ngamanye amaqembu ezepolitiki, wathi asemdala kakhulu futhi awawona ikusasa.

Ucela wonke amalungu e-EFF ukuba angaphuzi utshwala ngomhla ka-4 kuLwezi ngaphambi kokuba avote.  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *