Amandla aphindiwe noMbono ophindiwe ebhizinisini lezobuhle lamaPhahla akwaBlose Ethekwini.

Photo cred:Blose Twins

Ethekwini – Njengoba iNingizimu Afrika igubha iNyanga Yabesifazane, indaba kaSthandwa noSthandiwe Blose ingenye kwezigqama njengesikhumbuzo sokuthi ukusebenza kanzima kuzala impumelelo.

Odade abangamawele nokuyibo ongqondongqondo ekusungulweini kwe-Blose Twins Beauty and Hair Salon, ibhizinisi lobuhle elikhulayo nelikwaze ukumelana nezinselelo eziningana esingabala kuzo, ubhubhane lomhlaba wonke (COVID19, nokuyimanje lingena esigabeni esisha enkabeni yedolobhakazi Ethekwini nalapho selikwazi ukunikezela ngezinsiza ebantwini abaningi.

Kusukwa elokishini KwaMashu kuya enkabeni yebolobha Ethekwini

Uhambo lwamaWele lwaqala ngonyaka ka-2015 bevula i-Twins Health and Beauty Parlour KwaMashu. Njengamabhizinisi amaningi amancane, babhekene nempi enzima. Ubhubhane lwe-COVID-19 lwahlasela umkhakha wobuhle nokunakekelwa kwesikhumba nezinwele kanzima njengoba amakhasimende ashayeka ngasezimalini kuphela nemisebenzi, kwaphoqa ukuba Owele basebenzise izindlela ezinobuchule ngokushesha ukuze bagcine iphupho labo liphila.“Leyo kwakuyiminyaka enzima,” bekhumbulisisa “Kodwa ukuphonsa ithawula kakubanga nakancane umbono wethu.”

Esikhundleni sokuvala ibhizinisi , Owele basebenzisa isikhathi esinzima ukuzicija amakhono abo, bafunde ubuchwepheshe obusha bobuhle, futhi bahlele ikusasa.

Lezonhlelo zibonakele zithela izithelo ezinhle njengoba kuwo lonyaka enyangeni ka Nhlaba 2026(May), lapho bevula i-Blose Twins Beauty and Hair Salon ku-Field Street enkabeni yedolobha Ethekwini — isinyathelo esikhulu sokuqhubekela phambili kwebhizinisi.

Sekungaphezulu Kobuhle loku
Kulesikhungo esisha, amakhasimende awasagcini nje ngokuthi acwalwe izinwele, kepha acolisiswa isikhumba,aphinde abhucungwe umzimba ,ahlanzwe ubuso , kanye nezinye izindlela zokwelapha impilo enhle.

KuSthandwa noSthandiwe, leliibhizinisi lingaphezu kokubukeka.“Ubuhle bumayelana nokuzethemba, ukuzinakekela nokwenza abantu bazizwe kahle ngabo,” basho bevumelana.

Ngaphandle kokukhonza amakhasimende, omaNdelu bazinikele nasekuthuthukiseni abanye. Bahlala babelana ngolwazi ngokuqeqesha ngezifundo zobuhle, besiza abanye besifazane ukuba bangene futhi bakhule embonini.

Umyalezo obhekiswe kwabesimame:
Kusukela ekuqaleni siqala KwaMashu ngo-2015, kuya ekusindeni kwi-COVID-19, kuya ekuvuleni kabusha edolobheni kulonyaka ngo-2026, indaba yoMandelu iveza isithombe ngabesifazane abaningi abenqaba ukwehluleka.“Ngezinye izikhathi izinselelo zisuke zilkhomba isiqalo esisha,” besho. “Ngokukholwa, ukuzimisela kanye nokusebenza kanzima, abesifazane bangakha kabusha, basungule kabusha ,kodwa bangaliphonsi ithawula.”

Njengoba kuhlonishwa iNyanga Yabesifazane, amawele e-Blose amelela lokho kanye — abesifazane abakhethe ukuqhubeka nokwakha, ukuqhubeka bezethemba, futhi okubaluleke kakhulu, ukuwa bese bevuke.


I-Blose Twins Beauty and Hair Salon
Field Street, Durban CBD
Ukubhukha: +27 79 398 0138

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *