Umasipala weTheku uqeqeshe abezindaba ngokuguquguka kwesimo sezulu

Umkhandlu waseThekwini ngokuhlanganyela kanye nesikhungo semfundo yamabanga aphezulu KwaZulu Natal I -UKZN nomnyango wokuxwayisa ngesimo sezulu -South African Weather Services bacije izintatheli ngolwazi mayelana nesimo sezulu.

Izintatheli zithole nethuba lokubuza imibuzo mayelana nezexwayiso ezibuye zingenzeki nokuthi ziqonde ukuthi kusuke kwenzenjani kulezo zimo. Okuqapheleke kakhulu kuloluqeqesho ukwazi ngesimo esibizwa ngo El Niño nokuchaza ksbanzi ngokwenyuka kwamazinga okushisa anyuka ngendlela eyeqile kwedingekayo.

u El Niño ungesinye sezizathu eziholela ekutheni kube nesomiso, nokwenza kuphazamiseke abalimi bezitshalo abemfuyo bese kunyuka intengo yokudla nokuba isimo esishaya kakhulu umphakathi. Ngenxa yesomiso umthamo wamanzi uyancipha emadamini bese-kuphazamiseke nokulethwa kwamanzi emiphakathini.

Lesimo samazinga okushisa singadala izinkinga eziningi ekuhlaleni kwabantu uma bengaziswanga. Akugcini nje ngokuphazamiseka kwamanzi nomkhakha wezolimo,kepha nakwezempilo ikhona ingcindezi njengoba bonke oSolwazi abebehambele loluqeqesho bezwakalise ukukhathazeka ngempilo esengcupheni ikakhulukazi abantwana abasakhula kanye nakubantu abadala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *