Ogaqele esobuNdunankulu ku-RISE Mzansi KwaZulu Natal weseka umqhudelwano wekhilikithi

Mnqobi Ngidi

NgoLwesihlanu, umholi oqokwe  yiqembu lezombusazwe i-Rise Mzansi KwaZulu- Natal ukungenela esobuNdunankulu , uNonkululeko Hlongwane- Mhlongo, uzochitha isikhathi ngokweseka  umqhudelwan wekhilikithi, ohlelwe yi-KwaZulu-Natal Society for the blind.

Bangaphezu kwezigidi ezine abaseNingizimu Afrika abaphila nokukhubazeka. Nakuba umthethosisekelo uqinisekisa abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi banamalungelo afanayo nezakhamuzi ezingakhubazekile, iqiniso ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bayaqhubeka nokuzithola ezimweni zokwecwaswa.

I-RISE Mzansi ibona kufanele kwenziwe imizamo enzulu yokuqinisekisa ukuthi ukuvikelwa kwamalungelo abantu kuyafezeka kuzo zonke izinqumo zokuphatha nezombusazwe ezenziwa yizo zonke izigaba zikahulumeni.

Inhloso yethu ukusebenzisa ezemidlalo ukukhuthaza isiko lokuncintisana nempumelelo. Imininingwane yomqhudelwano wekhilikithi imi kanje:

Usuku: ULwesihlanu, 22 kuNdasa 2024

Isikhathi: 11:00 – 15:00

Indawo: I-Kingsmead Oval

Ikheli: Kingsmead Way, eThekwini (ngaphesheya komgwaqo osuka e-Hollywoodbets Kingsmead Stadium)

Kuzoba nethuba lezithombe nezingxoxo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *