
Inyunyana yabasenzi iNehawu nenamalunga ayi 112 ngaphansi kwesikhungo i Dube TradePort,seyikhiphe isaziso sokungena kwamalunga ayo esitelekeni ,loku kuza ngemuva kwezingxoxo esezidonsile phakathi kwenyunyana nomqashi ukuzama ukuthola izisombululo ngodaba lamaholo nezengezo zabasebenzi
E Dube TradePort bayakholelwa ekutheni ukuxoxisana iyona ndlela engcono yokuthola izisombululo. I Dube TradePort izoluku ivule iminyango yokuba kuqhutshekwe nezingxoxo phakathi kwabo kanye nenyunyana ukuthola izisombululo ezizokwazi ukumelana nezimfuno zabasebenzi ziphinde zibhekelele isimo sezezimali enkampanini.
iDube TradePort ifisa ukuqinisekisa onke amakhasimende ayo nabo bonke ababambe iqhaza ekusebenzeni kewsikhungo ukuthi isime ngomuno ngezinhlelo zokuqinisekisa ukusebenza ngokungaphazamiseki kwalesikhungo ngenkathi isiteleka siqhubeka.
Ngaphezu kwako konke iDube TradePort kanye nenyunyana yabasebenzi bavumelene ngendawo ehleliwe lapho abasebenzi bengaqhuba khona yonke imibhikisho yabo nokuzokwenza ukungena nokufinyelela e Dube TradePort kanye nasesikhumulweni sezindiza kungaphazamiseki naka nci.
