Umphathi womnyango wezemvelo udlulisa induduzo ngesehlo esenzeke ngaphandle kwe Hluhlue Umfolozi Park

Umphathi wezemvelo uMnu. Sihle Mkhize usezwakalise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balowo odlule emhlabeni ngokubulawa inyathi.

lesehlakala senzeke ngesonto eledlule ngemuva kwemibiko  yokukubonakala kenyathi ebingaphandle kwesiqiwi i-Hluhluwe  Mfolozi Park ngasesangweni iMashiya Gate.

‘Isimo esingesihle sezulu sivimbele ukusuka kwendiza enophephela emhlane ukuyonqanda lenyathi.Kube sekuzwakala izulu lezandla okuphoqe ukuthi abaqaphi basesiqiwini balandele lapho ukuqhuma kuqhamuke ngakhona,babe sebezithela kwiqulu labantu abebengunge isidumbu sendoda ebesiphangalele. Ngifisa ukuzwakalisa ukuzwelana nomphakathi olahlekwele ilunga lawo .Lesigameko sisikhumbuza ngobungozi bokuhlala ngasesiqiwini.Sinezinhlelo eziningi ukuvikela izingozi eziza nokuhlala ngasesiqiwini kodwa ngezinye izikhathi ziyehluleka ukuvikela ukweqa kwezilane’’ kukhala uMnu Mkhize. ‘’Inhlangano yethi isebenzisana nazo zonke izinhlaka zikahulumeni zomthetho ezenza uphenyo ngalesi sigameko’’ kuchaza Umnu. Mkhize

Kukacaci kahle ukuthi leNyathi iphume kuphi, inhlangano yezemvelo kulezizinsuku ixakekile kakhulu ngabantu abanquma ucingo beyozingela bengabe besaluvala okuyinto efaka onke amalungu omphakathi engozini,kuba nezehlakalo ezibalelwa kwezinhlanu nyanga zonke zokunqunywa kocingo esiqiwini sase Hluhluwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *