
21 March 2024- INingizimu Afrika igubha iminyaka engamashumi amathathu yombhidlango wentando yeningi. Lena impumelelo efanele ukubungazwa njengoba sivuma ukuzidela okwenziwa abaholi abaningi abakhanyisela izwe ngokulikhipha eGibhithe. Ngalolu suku sethula isigqoko kubaholi abafana noNelson Mandela, Winnie Madikizela Mandela, Walter no-Albertina Sisulu, Griffiths noVictoria Mxenge, Chris Hani, Steve Biko, Onkgopotse Tiro, Joe Slovo, Robert Sobukwe, Neill Agget, Charlotte Maxeke, Archbishop Desmond Tutu nabanye abaningi. Siphinde sishaye indesheni kumaqhawe namaqhawekazi amaningi angabalulwanga emlandweni wezwe kanye nabangaphandle ababambe iqhaza elikhulu ekuhleleleni iNingizimu Afrika le ntando yeningi. Sibungaza imithetho eminingi eqhubekayo eqinisekisa ukuphelela kwelungelo lokuvota kuzo zonke izakhamizi.
Akuphikiswa ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili emikhakheni eminingi ebalulekile kwizakhiwo zenqubomgomo ikakhulukazi maqondana nokuqinisekisa amalungelo abo bonke abantu. Namuhla siwumphakathi oziqhenyayo ongacwasi ngokobulili futhi ongacwasi ngokwebala ohlose ukuphatha zonke izakhamuzi zawo ngesizotha nangenhlonipho. Kodwa-ke, siyaqaphela futhi ukuthi nakuba sibhalise intuthuko enkulu, sisabhekene nezinselele ezinkulu. Sinezinga eliphezulu labantu abangasebenzi ikakhulukazi entsheni. Amazinga obugebengu aphezulu, amazinga enkohlakalo awanakuqhathaniswa futhi amazinga obumpofu nao aloku ehlelzi phezulu.
‘’Kithina e-Sonke, sihlala sikhathazekile ngamazinga aphezulu odlame olubhekiswe ebulilini kanye nokubulawa kwabesifazane, lobu bugebengu babantu abasondelene budlulele kwesilinganiso somhlaba wonke ezweni elingekho empini. Sonke siyalwa yizimiso zomthethosisekelo, iphupho kanye nombono wokhokho bethu ukwenza ngokuphindiwe imizamo yokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ayinazo zonke izinhlobo zodlame, ukucwasa kanye nazo zonke izinhlobo zezigebengu ezigcwele impilo yethu yobuzwe. Lokhu sikukweleta okhokho bethu, izingane zethu nezizukulwane ezizayo.’’ Kuphetha U-Bafana Khumalo, onguMqondisi Omkhulu we-Sonke Gender Justice’s Co-Executive Director.
