IZINDLELA ZIBHEKE UKZN EDGEWOOD CAMPUS KWIMIDLALO KANOBHUTSHUZWAYO NGEVIKI ELIZAYO

By Sabie Chili

Abahleli bomqhudelwano obaminyaka yonke we Pinetown Super Cup sebeqinisekise  ukuthi konke sekumi ngomumo ngalemidlalo ezoqala ngomhlaka 16 isongwe zingu 19 Disemba ezinkundleni zase UKZN Edgewood campus

Lomqhudelwano okhula iminyaka yonke uhlelwa yi Isicelo Sport ephethwe inkakha eyayingumgadli eqenjini le Moroka Swallows uScelo Zuma.

Ihlukaniswe ngezigaba ezine okungu U11, U13, U15 no U19, kanti ungenelwe Amaqembu angu 32.

UScelo Zuma uphinde waveza umkomelo omuhle ohlanganisa abazali bezingane ezizobe zibambe iqhaza kulemidlalo

Umdlali ovelele kumqhudelwano kwizigaba ezahlukene ezine, abazali bakhe bazothola ithuba eliyinqayizivele lokuyovakasha ehotela lase Garden Court, kanti bazozikhethela izinsuku abazifunayo

Inhloso ukugqugquzela abazali beseke izingane zabo kwezrmidlalo

Lomqhudelwano usuneminyaka eyisikhombisa wasungulwa, kubukeka ukhula iminyaka yonke njengoba abazali beweseka kakhulu

Isiqubulo salonyaka kulemidlalo sithi #ISUKILE

se ziqhathiwe ngokwama groups, kanti ziqhathwe kanje:

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *