Sabie Chili

Isithombe : Sabie Chili
Umphathi wesikhondlakhondla senkampani i- PhakweGas u Mnu. Thabiso Tenyane uthembisa ukuletha izinkunzi zaseSpain i-Real Madrid ngelinye ilanga. Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa abaxhasi kanye nabadlali abasha baleliqembu elizinze kumasipala Umhlathuze.
”Ngingumngani ngiphinde ngibe umlingani nonguMengameli weqembu i-Real Madrid u Fiorentino Perez,lokho kukodwa kwenza kube lula kakhulu ukuletha lezinkunzi zase Spain” kusho uTinyane . Lesikhondlakhondla esinemisebenzi naphesheya kwezilwandle simenyezelwe njengabaxhasi abasha be The Rich Boys ngezizumbulu zemali ezizoshintsha leliqembu,libalwe njengamanye ahamba phambili kuleli.
Labaxhasi bazofaka izigidi eziyikhulu (100 million nozohlukaniseka izigaba ezilandelayo : izigidi ezingamashumi amabili (20 million) njalo ngonyaka kuze kuphele iminyaka emithathu, seyiphelele izoba izigidi ezingamashumi ayisithupha(60 million) eminyakeni emithathu egcwele. Kanti izigidi ezingamashumi amane (40 Million) iqembu lizozisebenzisela ukwakha izingqalasizinda zeqembu njengokulungisa izinkundla zokuzivocavoca.
Ezika Sifiso ‘Jomo’ Biyela ziphinde zethula abadlali abasha ezizogadla ngabo ngesizini entsha ka 2024/25. Isayinise umgadli uThabiso Kutumela wodumo lwe Mamelodi Sundowns,Siyethemba Sithebe obekwi Kaizer Chiefs,Fezile Gcaba,Sibani Khumalo,nobeku Moroka Swallows u Tlakusani Mthethwa.
