
UMasipala waseThekwini uxwayisa izakhamuzi ngabantu abazenza izikhulu zomasipala bacele imali ukuze banikezwe amathuba emisebenzi, ukunciphisa izikweletu kuma-akhawunti kamasipala, noma ezinye izinsiza zoMasipala.
Imibiko ikhomba ukuthi abakhwabanisi basebenzisa amagama ezikhulu zoMasipala ukuze bathole ukwethenjwa baphinde bakhohlise izakhamuzi.
UMasipala ugcizelela ukuthi azikho izikhulu ezivunyelwe ukucela noma ukwamukela inkokhelo yomsebenzi, ukuhlelwa kwezikweletu, noma yiziphi izinsiza zomasipala. Ukucela noma ukunikeza imali ukuze uthole umsebenzi kuyicala lobugebengu, ngakho-ke abaphuli bomthetho bazobhekana nengalo ephelele yomthetho.
UMqondisi wePhiko elibhekele ubuQotho noluCwaningo lweDolobha (CIID), uJimmy Ngcobo, uqinisekisile ukuthi uphenyo lusaqhubeka.
“Siyancenga emalungwini omphakathi ukuthi angayenzi neze inkokhelo kubantu ababethembisa imisebenzi noma ukwesulwa kwama-akhawunti. Noma ngubani oke wasondelwa, noma oke waba yisisulu salobu bukhwabanisi, kufanele abike lolu daba e-CIID kanye nasoPhikweni lezwaMaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS),” kusho uNgcobo.
Izikhala zomsebenzi zikamasipala zikhangiswa kuphela kusizindalwazi esisemthethweni seDolobha: www.durban.gov.za/page/jobs. Ayikho imali ekhokhwayo uma ufaka isicelo.
Imibuzo yamakhasimende, kuhlanganise nama-akhawunti kanye nezinhlelo zokukhokha, isingathwa ngezikhungo zeSizakala zikaMasipala. Izakhamuzi ziyakhuthazwa ukuba zivakashele isikhungo esiseduze nazo ukuze zithole usizo.
Ukukhwabanisa nenkohlakalo kungabikwa ngaphandle kokudalula igama lakho ku-CIID kule nombolo yocingo yamahhala: 0800 20 20 20 noma i-imeyili: ombuds@durban.gov.za
