I-Hollywoodbets yethule Amanxusa angabashadakazi bodumo kwezobumnandi nakwezemidlalo

 I-Hollywoodbets, e-Ningizimu Afrika neyisikhondla khondla kwezobumnandi  nakwezokubheja inentokozo ukwethula amaNxusa ayo amasha, u-Eben no-Anlia Etzebeth. Izithandani ezinohlonze ziza nenhlanganisela yamakhono, ukuheha, nobungcweti emndenini wakwaHollywoodbets.

U-Anlia, umlingisi odumile waseNingizimu Afrika, ukhangaa ababukeli ngekhono lokuba umlingisi okwazi ukuguquka  kanye nowuzibuthe okudonsela phambi kwamabonakude. Waziwa ngeqhaza lakhe lokugqama njengo-Sasha Richter kumabonakude wethu eNingizimu Afrika kuchungechunge lomdlalo ethandwayo, i – ‘’Getroud Met Rugby,’’ U-Anlia ukhombise ikhono lakhe lokulingisa emazweni aphesheya kubakhiqizi abanjengo –HBO  kwi ‘’ Raised by Wolves’’ ; kanye nefilimu esabeka kubande umgogodla, ‘’ The last Sacrament.’’ Ngaphandle kwamakhono akhe okulingisa, u-Anlia ungumdlali oneziphiwo eziningi, unamava omsebenzi wokucula  e Thiyetha ,kanti kwindima yomculo udume ngokuthi u Anlia Star.

 Ukusebenzisana neHollywoodbets kuyithuba elijabulisayo lokuhlanganisa uthando lwami kwezobumnandi ngesasasa lomhlaba wezemidlalo nokubheja. Ngijabule kakhulu ngokuqala loluhambo oluhambisana no-Eben futhi lumele uhlobo olubungaza injabulo yomdlalo, kusho u-” u-Anlia.

Umdlali Owine Indebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo amahlandla amabili, u-Eben Etzebeth, nodume ngelika-“Elizabedi”, azeka kakhulu ngomsebenzi wakhe oncomekayo webhola lombhoxo neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika kanye neHollywoodbets AmaSharks ku-United Rugby Championship. Uza nolwazi olunzulu kwezemidlalo nokuzimisela kulolu bambiswano ne-Purple Brand. Njengoba kunemidlalo engaphezu kuka-100 edlalela iqembu lesizwe nemibili yokunqoba kweNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo ngaphansi kwebhande lakhe, i-Eben. Ubuholi nokuzimisela enkundleni kusibukisa  ukuzibophezela ekwenzeni kahle kanye nokusungula izinto ezintsha kuka Hollywoodbets. Usanda kunqoba i-SA Rugby ilandelana Imiklomelo yomdlali ovelele.

‘’Kuwudumo kimina no-Anlia ukuthi sihlanganyele neHollywoodbets ukuletha abalandeli ngendlela engenakuqhathaniswa umuzwa wokuzijabulisa. Njengomsubathi okhokhelwayo, ngiyakuqonda ukubaluleka kwamasu kanye ukusebenza,  ngijabule ukuletha lowo mqondo ku-Purple Family,” kusho u-Eben.

Ukuhlanganiswa kuka-Anlia no-Eben njengamaNxusa aubuso beHollywoodbets kumele ukuhlanganiswa kobuhle,injabulo nobuqiniso obuhlanganisa umoya wophawu lwaseNingizimu Afrika oluziqhenyayo. Ndawonye,bazohola izinhlelo okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ulwazi lweHollywoodbets kubalandeli.

‘’ Sijabule kakhulu ukwamukela u-Anlia no-Eben eqenjini laseHollywoodbets.uBukhona buka Eben nokuzimisela okungenakuqhathaniswa enkundleni yebhola lombhoxo kumenze waba ngumdlali womhlaba wonke, kanti amakhono ka Anlia ahlukahlukene ekulingiseni nasekuculeni amenza abe ngumdlali weqiniso oneziphiwo eziningi nosekwaze ukuheha izethameli  kulo lonke elaseNingizimu Afrika,’’ kusho iHollywoodbets Brand and Communications Manager uDevin Heffer. Ndawonye, baletha izinga elingenakuqhathaniswa lomthelela nethalente kulobu budlelwano kanye nenqubo ehambisana kahle neyakwa-Hollywoodbets. Sibheke ngabomvu uhambo olunamandla phambili njengoba siqhubeka nokuchaza kabusha ukuphambana kokuzijabulisa nokubheja kwezemidlalo. Abalandeli bangalindela  kokuqukethwe okukhethekile, amaphromoshini, nolwazi oluhlanganisa u-Anlia no-Eben Etzebeth njengoba beqala lesi sahluko esisha esijabulisayo ne-Purple Family.

” Umndeni wakwa-Etzebeth ujoyina ithimba elinamandla yenkanyezi lamaNxusa akwaHollywoodbets  okuhlanganisa abnye njengo- Robert Marawa, Carol Tshabalala, Vernon Philander, Anthony Delpech, Odwa no-Akona Ndungane, Jerry Sikhosana noBrian Baloyi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *