Ngubani ongangena ezicathulweni ezinkuluzika Dr Irvin Khoza mayeshiya?

Sabie Chili


Njengoba kuza ukhetho esigungwini se Premier Soccer
League ngasekupheleni konyaka akukacaci nokho ukuthi
okushiwo usihlalo we PSL uDr Irvin Khoza okuthi ngeke
esalungenela ukhetho lwanonyaka usezimisele ngokuthi
khumu adedele abanye bahole le ligi engenye ahamba
phambili emhlabeni jikelele.
U-Iron Duke okuyigama ateketiswa ngalo ungomuye
wabaholi bakuleli abahlonishwayo ngamagalelo akhe
ebholeni lakuleli, kungelona ibhola kuphela kodwa
nakwezinye izinhlobo zemidlalo.
Ungomunye kwabavula inhlangano ye PSL ngonyaka ka
1996, nalapho kunama ligi amabili okuyi Motsepe
Foundation Championships ne Dstv Premiership.
Useqhoqhobale isikhundla sokuba usihlalo we PSL kusukela
ngonyaka ka 2003 nalapho ubephuma phambili.
Umndeni ka Khoza usumnxenxe ukuba asishiye lesikhundla
manje ukuze athole ukuphumula emva kweminyaka
esibambile, akwazi ukuchitha isikhathi esiningi nomndeni
wakhe, kanti futhi usehlale isikhathi eside kusona
lesikhundla ku PSL.
U-Iron Duke ungumholi ohlonishwayo nothenjwa abaxhasi,
yingakho bengena belakanyana kule Ligi, kwala noma

abanye bephuma makuphela izinkontileka kodwa uKhoza
uyakwazi ukuvala isikhala ngomunye umxhasi ngokushesha.
Umbuzo uthi ngabe ngubani ongangena ezicathulweni zika
Khoza?. Akhona amagama abaphathi bamaqembu
sebekhombise ukuthi banamava ebholeni lakuleli.
Umphathi weqembu le Supersport United u Stanley
Mathews. Usihlalo weqembu le TS Galaxy u Tim Sukazi
kanye nosihlalo we Cape Town City u John Comitis. Singeke
simshiye ngaphandle umphathi we Lamontville Golden
Arrows uMato Madlala osebambe isikhundla sokuba yi CEO
ye PSL iminyaka eminingi, bangabanye ababonakala
bengakwazi ukuvala isikhala sika Khoza yize kunzima.
Ongangena kulesikhundla uzobhekana nenselelo enkulu
njengoba umphakathi uhlala ufuna ushintsho olusheshayo
nokwenza ibenkulu incindezi kusihlalo.
Akesibheke umphathi we Galaxy uSukazi, usasemncane
ngokweminyaka kodwa unamagalelo amahle negazi lakhe
liselisha kubonakala engaluletha ushintsho nozinzo, kanjalo engangena khaxa kulesikhundla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *