Abophiko lombutho wamaphoyisa sebeqinise ezokuphepha Ethekwini ukuze umdlalo wamanqamu weNdebe MTN8 uphephe

Ihhovisi lesifundazwe sakwaZulu Natal elisebenza ngokuxhumana nomnyango wezobunhloli esifundazweni kuhlanganisa uphiko lwabutho wakwa SAPS , nophiko luka Durban metro Police ne Road Traffic Inspectorate kanye nezinye izinhlaka zomthetho, okuhlanganisa nezokuphepha ezizimele,sezibeke ngomumo izinyathelo ezidingekayo ukuqinisekisa ukuphepha,ukuthula kanye nozinzo ngaphambi ,ngesikhathi nangemuva komdlalo wokugcina we MTN8 CUP ophakathi kwe Orlando Pirates Football Club ne Mamelodi Sundowns,ozodlalelwa e Moses Mabhida Stadium ngomgqibelo kusihlwa mhlaziyi 10 ku Mfumfu 2026.

Uhlelo oluphelele lokusebenza luhlanganisa ukuphathwa nokulawulwa kwe trafikhi,ukuphepha kwenkundla kanye nepaki yabalandeli,ukuhleleka kanye nokuzinza,seluqalile kakade. I-#PROVJOINTS yaKwaZulu Natal ifisa ukuqinisekisa abalandeli bebhola ukuthi idolobha laseThekwini nezindawo ezizungezile ziphephile nokuthi umdlalo uzokwenzeka endaweni ephephile.

Naphezu kwemibhikisho enobudlova eyenzeka ngezikhathi ezithile e-Durban CBD ngolwesine ntambama,isifundazwe sakwa Zulu Natal,okuhlanganisa nedolobha elizosingatha umdlalo okuyi Durban besiloku sizolile,futhi amaphoyisa azoqhubeka nokubonakala okukhulu ukuqinisekisa ukuthi azikho izigebengu eziphazamisa ukusingatha ngempumelelo umdlalo wamanqamu wenDEBE MTN8.

I-PROVJOINT iyazibona lezishicilelo ezidukisayo ezinkundleni zokuxhumana ezifuna ukubangela ukwethuka nokudideka ngokusabalalisa ulwazi olungeyilo mayelana nokuhlelwa komdlalo. Abaphathi bamaphoyisa,nge Event #SafetyandSecurity Planning Committee ( ESSPC) kanye ne -PROVJOINT, baqinisekise i PSL ukuthi ukuhlela ezokuphepha kwe 2026 MTN8 CUP Final kuzohlala kumi ngomumo nokuthi noma ubani ozozama ukwephula imigomo yezokuphepha noma abeke engozini ababukeli,izikhulu,abadlali kanye nanoma yimuphi omunye umdlali uzobhekana namandla omthetho.

Abathandi bebhola bayakhunjuzwa futhi bakhuthazwa ukuba beze enkundlen kusenesikhathi ukuze bagweme ukuminyana kwezimoto kanye nokujaha ukungena enkundleni ngomzuzu wokugcina. Azikho izikhali,njengemimese namabhodlela, kanye nezibhamu ezivunyelwe ngaphakathi enkundleni. Inkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida kanye nendawo eyizungezile kumenyezelwe njengezindawo okungavunyelwe ukundizela kuzo,ngakho ke ama drone anaggunyaziwe ngeke avunyelwe ukundiza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *