Akazi lutho uSne Mseleku ngezepolitiki kusho unobhala weqembu i ANOSA

Photo cred: Sthembiso Mngoma Page.

Kudide abaningi abantu ukubonakala kwezithombe zikaSne Mseleku ezingqwembeni zeqembu lepolitiki elingenele ukhetho lohulumeni basekhaya kwaZulu Natal i qembu i -ANOSA. Iphephandaba Injobo ethungelwa ebandla ibe seyiqoka ukuba nenegxoxo ekhethekile naye uMamseleku ukuze aziphendulele emibuzweni yabavoti kodwa unobhala weqembu wale waphetha.

Loyo ongunobhala weqembu i-ANOSA utshele intatheli ye i- Injobo Newspaper ukuthi abezindaba kumele babhekise kuye yonke imibuzo abanayo mayelana namalunga abo amele leliqembu le- ANOSA okhethweni lohumeni basekhaya ikakhulukazi uma kuqondene no Sne Mseleku.

Eziphendulela embuzweni othi kungani uSne Mseleku engeke azikhulumele , uNobhala weqembu uMnu Sya Thango uphendule wathi ” uSne akazi lutho ngepolitiki, futhi samcela njengeqembu kubaba wakhe ukuba azosimela eqenjini ,sathembisa ukuthi sizomvikela ngayo yonke indlela kwabezindaba” uMnu Thango uqhubeke wathi “uSne usezwakalise ukukhathazeka ngezingcingo ezingena ubuthaphuthaphu kuye abantu bemubuza ngaloludaba” Ubesenxusa ukuthi abezindaba abaxhumane naye unobhala ukuze aphendule yonke imibuzo yabo.

Eziphendulela uMnu Sya Thango embuzweni othi Iyini inhloso ye ANOSA ngokuqokwa kukaSne Mseleku ukubamela kulolukhetho uphendule wathi “Inhloso yeqembu bekuwukutshengisa abavoti ukuthi iqembu le ANOSA alicwasi muntu.Esephetha uthembise abavoti ukuthi iqembu lakhe lizimisele kakhulu ukulwisana nezinkinga umphakathi obhekene nazo nakuba engazange awadalule amasu abeza nawo njengeqembu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *