
Ihhovisi likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal selikhiphe umbiko kwabezindaba liqinisekisa ukuboshwa kwabasolwa abayishumi nanhlanu kulandela izehlakalo zobudlobongela obudaleke ngesikhathi sababhikishi akade begcwele izitaladi zeTheku. Lokuboshwa kwalabasolwa sekwenyuse isibalo sabasolwa ababoshiwe safinyelela ku 19 uma sekubakwa nabasolwa abane ababoshwe ngosuku langoLwesine.
Abasolwa bazobhekaba namacala obudlobongela,ukudicilela impahla kanye namanye amacala asazokwengezwa . Kulezigameko kushe imizi emibili endaweni yase Umbilo kanye nezitolo eziye zacekelwa phansi kwathi ezinye Kwatapwa kuzo.
Iningi labasolwa abafundi basezikhungweni zemfundo, uphiko lwezobunhloli kanye nabaphenyi bamacala baphansi phezulu bafuna abasolwa abacekele ngomlilo izimoto kanye nezakhiwo.
Khona lapho amaphoyisa abesedlulisa umbiko kubathandi bebhola ukuthi Indebe yamanqamu ye MTN8 isaqhubeka,kanti ezokuphepha zizobe ziqinile.
