Iyakhuthaza imizamo yokusiza ngezikhukhula e-Margate .

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo, uSiboniso Duma, uzwakalise ukukhathazeka ngeziphepho nezikhukhula eziphindelelayo ezibeka engcupheni ukusimama komnotho nokukhula kwezokuvakasha eMargate.

 iMargate ihlaselwe yizimvula ezinamandla, ezidale izikhukhula zathinta abadayisi abangahlelekile namabhizinisi. Umnyango ufake izigidi eziyishumi nanye-(R11 million) ukuze kulungiswe isikhumulo sezindiza iMargate.

Isifunda kanye nomasipala wendawo basebenze ngokubambisana ukususa imfucumfucu eMargate Beach kanye nomgwaqo. Isimemezelo senhlekelele sizosiza ukusheshisa inqubo yokubuyisela.

Umnyango usujube izikhulu eziphezulu ukuthi zengeze umsebenzi womkhakha kahulumeni wendawo, okuhlanganisa ukuhlolwa kwemvelo, izinsiza zokusiza izikhukhula, nokungenelela ukusiza amabhizinisi athintekile.

Ukushintsha kwesimo sezulu sekuyinselelo enkulu kisentshuli yama-21 futhi kuthinta cishe yonke imikhakha yezomnotho esifundazweni. Ababambiqhaza kumele basebenzisane ukuze babhekane nakho kokubili ukuzivumelanisa nezimo kanye nokunciphisa.

Izithombe zithunyelelwe ngabomnyango.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *