Iqale ngezinga eliphezulu ingqungquthela yabezitolo ezinkulu Ethekwini

Iqalile ingqungquthela yombimbi (South African Congress of Shopping Centres) lwabezitolo ezinkulukazi nezaziwa kakhulu ngama Shopping Centres nebanjelwe edolobheni Ethekwini ( ICC) .

Lengqungquthela kulindeleke ukuba ithathe izinsuku ezintathu ukusuka osikwini lanamuhla eqaliswe ngalo. Okugqame nakakhulu kulomcimbi umoya wokuzwana kanye nokuvuleleka kosomabhizinisi ukwabelana ngolwazi kanye nokuwhebelana. Izihambeli zalengqungquthela ziye zagixabezwa ngezipho ezinhlobonhlobo nezenani eliphezulu, kanti loku kubonise ngokwanele ukuthi abagqugquzeli nabahleli balenkomfa bazimisele ngokuzokwenza umehluko kwezomnotho.

Okuyiyona ngqikithi enkulu ukuzama ukuguqula indlela abantu ababuka ngayo inxanxathela yezitolo, kungabi ukubuka izindonga zezakhiwo kodwa babuke amathuba abangawasebenzisa ,kanye nokusizakala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *