By Sabie Chili
Emva komdlalo owawuphakathi ompetha bendebe ye Carling Cup I-StellenBosch FC nekhethelo le Carling All Stars, Leliqembu lekhethelo layikha ngamafosholo imali emva komdlalo owawubanjelwe ePolokwane, e-Peter Mokaba stadium ngomhlaka 6 January.
Iqembu laliqokwa ngabalandeli kusukela kubadlali Kuya ku Technical team.
Ngokunqoba kwe Caring All Stars ngo 2-1 kwi Stellies banqoba isamba sika R2-million
Unozinti wagcina eqokwe njengomdlali wosuku u-Itumeleng Khune yena waba yisigwili ehlomula ngo R185 000 seyiphelele yonke.
Bonke abadlali nethimba labaqeqeshi abasebenzi eqenjini le Carling All Stars njengoba sebebonke bawu 33, umuntu emunye wathola R60 000 kwathi umdlali emunye nethimba labaqeqeshi nabasebenzi kwi Stellies kwaba ngu R30 000 ngamunye.
Kumqhudelwano we, Fak’ iGoal Uzobona lapho isihlabani esisencane se Kaizer Chiefs uMfundo Vilakazi sashaya igoli ngomzuzu wesine umdlalo uqalile nokwaholela ekutheni iqembu lonke lihlomule ngo R894 000, base behlukaniselana ngo R25 000 umdlali ngamunye eqenjini lekhethelo.
UKhune ngokuba umdlali wosuku wathola R100 000
Bekuwimqhudelwano wokuqala we Carling Cup ngonyaka odlule nokhombise ukuthakaselwa umphakathi wakuleli
| ReplyForward |
