By Sabie Chili
Iqembu le TS Galaxy lizobuyela phesheya kwezilwandle njengoba kunekhefu Lemidlalo yomqhudelwano we Africa Cup of Nations oqala kusasa ngomgqibelo ezweni lase Ivory Coast.
Njengoba kunekhefu lenyanga yonke, umphathi we The Rocket uTim Sukazi ubesevele enezinhlelo zokubuyela phesheya kwezilwandle neqembu lonke nenhloso yokuyozuza uLwazi oluningi.
Azodlala imidlalo yobungani emithathu namaqembu aqhamuka Hungary, Ukraine nase Slovenia.
Yonke Lemidlalo bazoyidlalela ezweni lase Turkey.
Bazoqala nelase Hungary i-Debreceni behlezi endaweni yesihlanu ku log table yakhona ngomhlaka 20 January, balandelise ngowe Chronometers yase Ukraine ehlezi endaweni yesishiyagalombili ku log, bavale uhambo nelase Slovenia i-Mura mhlaka 26 January.
Yonke Lemidlalo seyiqinisekisiwe ukuthi izoba khona, kanti I inkundla, Izikhathi kusazoqinisekiswa maduze.
Ezika Sukazi ziya okwesibili e-Europe njengoba ngonyaka odlule ngesikhathi sendebe yomhlaba babekhona.
Badlala ngokulingana ne Guresunpor yase Turkey ngo 1-1, bahlulwa elase Italy I-Sampdoria ngo 5-1, bavala ngenduku ka 2-1,
Kwi Dynamo Dresden yase Germany.
Loluhambo lwathela izithelo ezinhle njengoba iqembu lase Scotland I-Livingston yasayinisa umdlali ose mncane uAphelele Teto ngesikhathi salemidlalo yobungani
| ReplyForward |
