Sabie Chili
Inhloko yomnyango wezemidlalo KwaZulu-Natal uDkt Thobile Sifunda ufake ugqozi abasubathi bakulesifundazwe ukunyusa amasokisi ukuze bazihlomulele imihlomulo econsisa amathe
Ngokusho kuka Dkt Sifunda uthe abasubathi bokuqala abathathu besifundazwe sase KZN bazohlomula emalini ekhishwe wumnyango wezemidlalo engadalulwanga emjahweni we Comrades Marathon ozokuba ngonyaka ozayo ngesonto lomhlaka 9 ku June.
Ngesikhathi wethulwa lomjaho ngenyanga ka Novemba uvezwe izinguquko ezimbalwa nezijabulise abasubathi abazoba yinxenye yawo.
Inhlangano eyengamele lomjaho I Comrades Marathon Association(CMA) imemezele imiklomelo yomjaho ngo 10%, njengoba seyizoba ngu R550 000 isuka ku R500 000 kwizingqwele, owesilisa nowesifazane ngokwehlukana kwabo
I CMA iphinde yafaka nomklomelo omusha abaneminyaka engu 70 Kuya phezulu njengoba bewungekho ngaphambilini
Usihlalo we CMA uMqondisi Ngcobo uveze ukuthi lomklomelo wabadala uzothola ngumsubathi oyedwa kulesigaba kodwa bazosenyusa ngo kuhamba kwesikhathi.
Imali yokujoyina kubasubathi base Ningizimu Africa wu-R1200, kuthi abaphesheya kwezilwandle bakhokhe R4500.
Ukubhalisela ukungenela lomjaho kuvulwe ngomhlaka 21 Novemba kuvalwe ngomhlaka 11 Disemba, noma Uma sekuhlangene isibalo abasubathi abawu 23 000
Umzila uzobuyela kowango 2019 esingu 87km. Isiqubulo somjaho wangonyaka ozayo sithi “Nakanjani”, “No Doubt”
