By Sabie Chili
USandile Ndlovu owayedlalela iqembu le Mamelodi Sundowns ubona kubuyisela Ibhola emuva emaqenjini a-Kwazulu-Natal njengoba ekhombisa UKUNGABAMBISANI ndawonye ukukhuphula IzInga lebhola kulesifundazwe.
U AK47 okuyigama ayeteketiswa ngalo ensimini uchaze kakhulu ngokuthi lamaqembu anokubukelana phansi isidingo ingekho ekubeni lesifundazwe sihlonishwa ngendathane yethalente.
Ukungasizani ngabadlali kwa maqembu ikhona okubulala Ibhola kulesifundazwe. Iqembu elisesigabeni esiphezulu se Dstv Premiership like libe nenqwaba yabadlali engabasebenzisi, esikhundleni sokuboleka iqembu elidonsa kanzima ku Log noma liboleke Amaqembu agijima esigabeni se Motsepe Foundation Championships kodwa lincamela ukuduva nabo labobadlali nokugcina ngokuba leloqembu ligencwe izembe ekubeni belingaluthola usizo lwabadlali kwamanye amaqembu angomakhelwane, kusho u AK47 owake agijima naku Dynamos yase Limpopo kanye neMoroka Swallows.
KwaZulu-Natal ku amaqembu amane agijima esigabeni se Dstv Premiership, okuyi Richard’s Bay Fc, Amazulu Fc, Royal Am ne Golden Arrows kuthi esigabeni se Motsepe Foundation Championships amabili okuyi Milford FC ne Maritzburg United nadonsa kanzima kwi Log nokubonakala ukuthi ayaludinga usizo ku lamaqembu asesigabeni esiphezulu.
U Ndlovu Uqhube wathi Ibhola selaphenduka ibhizinisi kakhulu yingakho sekungasekho ukuxhumana kahle phakathi kwamaqembu ase KZN, omunye nomunye usezibheka yena.
Okunye akubekile uNdlovu, Uma iqembu lakulesifundazwe lilengelwa yizembe kumele amaqembu amanye ase KZN azame ngakhokonke ukushaya Amaqembu asekuhambeni asendaweni efanayo nelase KZN ukuze kwehle wona kusinde elasekhaya
