ITHUBA LOKUGCINA LOKUVITELA UMDLALI KOWE CARLING ALL STARS

By Sabie Chili

Kuvalwa ngolwesine phakathi kwamabili ukuvotela abadlali kanye nomqeqeshi beqembu elaziwa nge le Carling All Stars elizotholana phezulu ne StellenBosch FC engompetha bendebe ye Carling knockout cup.

Abakwa Carling Black Label bavulele ithuba kubalandeli ukuba bavote le abadlali abafisa ukuba yinxenye yeqembu elizodlala nompetha be Carling Knockout cup

Lomdlalo uzobanjelwa Polokwane, Peter Mokaba stadium ngomhlaka 6 January wonyaka ozayo,

Isikhulu sabaxhasi be Carling knockout cup-Arne Rust umtshele abezindaba ukuthi ithuba lisavulelekile kuze kube ulwesine lokuvota.

Okwamanje ngokwezibalo kusawumqeqeshi we Orlando Pirates u Jose Riviero osaqenqeleza phambili ngamavoti, ulandelwa ezithendeni ngowe Mamelodi Sundowns uRhulani Mokwena.

Bahlanu abadlali be Dstv Diski CHALLENGE (DDC) abavunyelwe ukuba KULELIQEMBU, kanti unozinti we Kaizer Chiefs u-Itumeleng Khune nguye oziholayo ngamavoti.

Mawusafuna ukuvotela umdlali ofisayo ukuba yinxenye yeqembu lekhethelo kumele uthengele ubhiya we Carling Black label bese kulandela imigudu ebhaliwe ebhodleleni likabhiya, kumele ubhale uthi (*120*660#)

ReplyForward

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *