
Umbiko: Aphelele Mbotho
Iqembu le Durban City kanye ne Nedbank banikezele ngezinsiza zokudlala kanye
nenkundla yokudlalela imidlalo ehlukene e-Oceanview Primary School eChatsworth
namuhla ngenhloso yokugqugquzela abafundi ukuba bazibandakanye nezemidlalo.
Emuva kokunqoba indebe yeNedbank Cup ePeter Mokaba Stadium ngomhlaka-02
kuNhlaba kuwona lonyaka, iqembu le Durban City libe selikhetha isikole samabanga
aphansi i-Oceanview ukuba banikele kusona ngenkundla yokudlalela.
UTutu Ntuli, ongumphathi wezoxhaso kwiqembu le Durban City, ubike ukuthi ukuwina
kweqembu akukhona okwabo kuphela kepha okwedolobha lonke laseThekwini
namaphethelo.
“Ukuze sikhethe le nkundla ingoba kube nezicelo eziningi zokuba kwakhiwe izinkundla
zabafundi zokudlalela. Phezu kwalokho kube ukubambisana nomphakathi walana
eChatsworth njengoba sidlala imidlala yethu khona lana kulendwawo eChatsworth
Stadium. Lokhu kube ukubonga okuncane ukuze izingane zibe nendawo yokudlalela.”
UNthabiseng Matshekga, omele ezokumaketha kwaNedbank uveze ukuthi iqembu
eliwinayo kwindebe yeNedbank kumele linikele emuphakathini walo.
“Iqembu elimuka nendondo yeNedbank Cup lithola ithuba lokuthi lishiye umthelela
ozohlala isikhathi eside emiphakathini. Kanti naso isikole lesi kumele sabelane nezinye
izikole ezisendaweni kungabi ibona kuphela abasebenzisa le nkundla.”
UMatshekga uphinde waveza ukuthi kubalulekile ukuthi kukhuliswe amakhono ezingane
ukuze zikwazi ukuthi kunjani ukusebenza ngokubambisana nokuthi le nkundla izoba
isfundo sempilo ngale kokuba indawo yokudlala.
Uthisha omkhulu wase Oceanview Primary School uRagini Moodley, ubonge
wanconcoza kwiqembu leDurban City kanye neNedbank ngesenzo sabo esihle.
“Nibone isikole nabona abafundi bethu nakhetha ukuba nisekele amakhono abo,
ngalokho sidlulisa ukubonga okukhulu okusuka ekujuleni kwezinhliziyo zethu.
Lenkundla akuyona nje i-Asphalt, izigxobo kanye nopende, kepha lenkundla imele
amathuba futhi iyindawo ephephile yokudlalela kanye nokukhula kwabafundi bethu.”
Isekela likaNgqongqoshe Wezemidlalo, Amaciko Namasiko, uPeace Mabe udlulise
ukubonga kwiNedbank ngokunikezela ngenkundla yokudlala e-Oceanview Primary
School njengoba izolekelela abafundi ukuba baveze amakhono abo.
“Sijabule ukuthi iNedbank ifake isandla njengoba kuzonikelwa ngalenkudla kanti futhi
silindele ezinye izinkundla zokudla eziningi ngoba uhulumeni uwodwa angeke ukwazi
ukufinyelela kuzona zonke izindawo kodwa uma kukhona ukubambisana okuvela
ngasese siyakwazi ukuthi sifinyelele nalapho ongeke ucabange ukuthi singafinyelela
khona.”
Lendawo yokudlalela abafundi base Oceanview Primary School kulindeleke ukuthi
ikhuthaze abafundi ukuthi bazibandakanye nezemidlalo. Kube nesicelo sokuthi lendawo
yokudlalelwa iphathwe ngendlela njengoba ilindeleke ukuthi ihlale iminyaka eyishumi nanhlanu
