I -Hollywood Foundation ihlela usizo kwabakhahlamezwe izimvula ezinamandla kwaZulu Natal

Inhlangano ezimele i Hollywood Foundation seyizwakalise ukuzwelana nezakhamizi ezakhele inyakatho yedolobha laseThekwini nezibe isisulu sezimvula ezinamandla. Lenhlangano yedlulise umbiko kwabezindaba lapho ichaza khona ngezinhlelo enazo ukukhombisa uzwelo layo kuleyo miphakathi ethe yasala dengwane ngenxa yesishingishane .

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba inhlangano iHollywood Foundation iveze ukuthi bonke abahlukumezekile ngalesimo izwelana kakhulu nabo futhi izobabeka emikhulekweni ngalesikhathi sobunzima. “Sizimisele ukwelula isandla ukuze umphakathi wasoThongathi ukwazi ukubuyela esimweni sawo. Ithimba lethu limatasa nokuhlola umonakalo odalwe isishingishane ukuze sikwazi ukuqhamuka nezindlela ezinqala zokusiza” Kubeka lenhlangano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *