
Umbiko: Aphelele Mbotho
Umholi weqembu Inkatha Freedom Party (IFP) uVelenkosini Hlabisa unxusa abantu
bakuleli ukuba bavotele iqembu le-IFP kwingqungquthela ebikade ibanjelwe e Princess
Magogo Stadium KwaMashu namuhlanje.
Njengoba kubhekwe okhethweni lomasipala oluzoba ngomhlaka-4 kuLwezi kuwona
lonyaka, iqembu le-IFP lizimisele ngokuba lizokwenza kahle. Kanti futhi umholi walo
uphinde wathembisa abalandeli ukuba ezoletha ingqala sizinda efanele emiphakathini
ukuze kuguquke isimo senhlalo ezweni.
UHlabisa uvule inkulumo yakhe ngesimo esehlakele abantu besimame ababulawa
ngesihluku eKurhuleni, eGoli, ekhombisa ukwezwelana nemindeni evelelwe
ilomushophi.
“Egameni le-Inkatha Freedom Party, ngidlulisa amazwi enduduzo emindenini ecwile
osizini yo-Elizabeth “Tsontso” Moselakgomo – ozofihlwa namuhla, uDineo Evelyn
Motapane – ozofihlwa ngesonto elizayo, uGracious Nkomo, u-Itumeleng Kekana,
kanye nayo yonke imindeni ekhahlamezwe ilesi senzo somenzi wobubi. Awekho
amazwi angapholisa izinhlungu zenu, kodwa yazini ukuthi njengesizwe, simi nani kulolu
sizi lwenu.”
Uphinde wagcizelela ukuthi uma benganqoba umhlanganiso kukhetho oluzayo
njengeqembu le-IFP bazo qinisekisa ukuphepha kwabantu besimame njengoba
bebhekene nengwadla yokuhlukunyezwa ngokobulili.
Uphinde wathembisa abalandeli beqembu ukuba bazokwenza kahle ekutheni bahole
abantu ukuze bathole ingqala sizinda ebafanele efana njengamanzi, ugesi kanye
nemigwaqo. Ugcizelele ukuthi loku kuwufakazi njengoba benza kangcono komasipala
abaphethe kubona abafana noMlalazi Municipality.
“Lo mphumela omuhle uvela eminyakeni emine edlule eDolobheni laseMhlathuze,
kuMasipala waseMlalazi, kanye nasesifundeni saseKing Cetshwayo, njengoba lezi
zindawo ziyizibonelo zokuphathwa kahle nokungenabo ubuqili. Sizokwakhela phezu
kwalezi zisekelo ukuze siqinisekise ukuthi siyaqhubeka nokuhlinzeka ngezinsizakalo
ezisesimeni.”
Oyisikhulumeli seqembu le-IFP jikelele, uMkhuleko Hlengwa exoxisana ne-SABC
ukuphikile ukuthi iqembu liyehluleka ukuhlinzeka umphakathi wase Mhlathuze
ngezidingo ngqangi ezifanele njengoba bebambisene ne DA, ACDP,NFP kanye ne VF
Plus.
“Kungamampunge loko, iqabane uXolani uphethe izinto ngendlela ehlelekile
eMhlathuze ngendlela yokuthi izimali zomphakathi ziphethwe ngendlela efanele futhi
kunoshintsho kanye nozinzo kumasipala wakhona njengoba kubusa umasipala
wobambiswano.”
UHlengwa ephawula ngomasipala waseThekwini uveze ukuthi okusemqoka
abakuhlosile ukuqala ngokulungisa inkinga yamanzi, baphinde balungise inkinga
yokunqaba kwamathuba emisebenzi ukuze kukhule umnotho.
