Ucacisa ngezisombululo zokuletha kwamanzi Ethekwini uMayor uXaba.

UMeya womkhandlu wase Ethekwini ubize isithangami sabezindaba namuhla ukuzokwethula izinhlelo zokuletha amanzi emphakathini owakhele lomkhandlu.

Echaza uMeya Xaba utshele abezindaba ukuthi lomkhandlu sewusesimweni esikahle ukuletha izidingo emphakathini nakuchaze ngolwimi lesilungu ngokuthi “we are cruzing” esho kona ukuthi izinto sezihamba kahle kakhulu.

Enkulumweni yakhe uMeya uXaba udalule nokuthi umkhandlu sewuqalile ukuzibambela mathupha ukuhlinzeka amanzi, awusasebenzisi izinkampani ezizimele ukuletha amanzi ngezimoto ezaziwa ngama Tanker kepha umkhandlu sewunama Tanker awo kanye nabashayeli abaqashwe ngokugcwele umkhandlu.

UMeya uphinde wabalula nokuqashwa konogada bomkhandlu nokuvule amathuba omsebenzi . “Umkhandlu wase Ethekwini njengoba uqhubeka nokwakha izingqalasizinda usazoqhubeka nokuqasha onogada abazosebenza ngokugcwele ngaphansi komkhandlu ukuze babe yiso lempahla kaMasipala” kulandisa uMeyauXaba.

Esephetha enkulumweni yakhe uMeya unxuse umphakathi ukuba ubambisane nomkhandlu ekulwisaneni nobugebengu obenziwa izigilamkhuba ukweba impahla nokuphazamisa ukulethwa kwezidingo.Lapha ubale ukwebiwa kwamanzi,amapayipi nokusebenzisa umbani ngokungetho emthwethweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *