Inhlangano yamadoda yemukela ukuchithwa kwemishado yabantwana eSierra Leone

M Nala

Inhlangano i MenEngage ezwenikazi lase Afrika isishayela ihlombe isinqumo sokuqeda nya ngemikhuba yokushadisa izingane eSierra Leone. Umengameli uJulius Maada Bio ushicilele umthetho onqanda ukushadiswa kwezingane ngolwesibili mhla zimbili (2) kuNtulikazi 2024 emcimbini woku sayindwa obuhlelwe nguNkosikazi kaMongameli Bio’s ” Hands Off Our Girls” nokuhumusheka ngokuthi “Hlukanani namantombazane ethu phansi” umkhankaso obonakalise isasasa ekulwisaneni nokushadiswa kwezingane e Sierra Leone.

Ngaphansi kwalomthetho omusha,noma iyiphi indoda eshada nomntwana ongaphansi kweminyaka eyi 18 uzobhekana nesigwebo seminyaka okungenani eyi 15 ibhadla etilongweni iphinde ihlawuliswe isamba esilinganiselwa ezinkulungwaneni ezine zamadola aseMelika. Lomthetho uphinde uvimbele ukuthi kungalinge kube nokukipita kwabantwana,kanti ke umuntu oyoke nje abandakanyeke ekuhleleni noma alekelele kumbe ahambele umcimbi yokushadiswa kwabantwana uyobhekana nengalo yomthetho.

Ukunqandwa kwalesihlava kulandela ukwenyuka kwezinga lalomkhuba ezweni lase Sierra Leona ngokulingana ne Niger kanye neNigeria. Ngokocwaningo olwenziwe ngo 2019 Sierra Leona Demographic and Health ibonisa amaphesenti angama 30 amantombazanyana amancane ukuthi ashade engakayishlanganisi iminyaka eyi 18 yokuzalwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *