
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, ekhuluma ngemibiko yakamuva emayelana nebhange-Ithala nesisuse okukhulu ukudideka emphakathini nokuyiwo osebenzisa lesikhungo, ukugcizelele ukuthi Ibhange ithala lisesimweni esikahle sokusebenza . UNgqongqoshe uthe isimo sezimali e-Ithala’ sisazwakala, njengoba kufakazelwa ngumbiko omuhle ovela kubacwaningi bamabhuku aleliBhange Ithala.
• Ukucwaningwa kwamabhuku okuhlanzekile okuvela kuMcwaningi Mabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika onyakeni wezimali ophela zingama-31 kuNdasa wezi-2024.
• Izimpahla ezeqa izikweletu, eziqinisa ukuzinza kwazo kwezezimali.
• Imisebenzi yebhizinisi ekhona kanye nokuqinisekisa ukuthi izimali ze-depositors’ ziphephile.
IZINQUBO ZOMTHETHO
Kubalulekile ukuqaphela ukuthi inkantolo ayizange ikhiphe isinqumo mayelana nokufaneleka kwecala. Ithala lifake isicelo esiphuthumayo sokuphikisa iziqondiso ezikhishwe uMlawuli Wokukhokha (i-RA), ezihlanganisa ukumisa amadiphozithi nokukhishwa kwezimali. Kodwa-ke, inkantolo yenqabile ukusinikeza lesi sinqumo, icaphuna ukulalelwa kwenkantolo okuseduze okuhlelelwe isonto elizayo ngoLwesihlanu, zingama-24 kuJanuwari 2025. Lesi sinqumo sishiya Ithala isesimweni esibucayi, njengoba amakhasimende engeke akwazi ukuthola izimali zawo, ikakhulukazi ngempelasonto lapho izakhamuzi eziningi zibhekana nezibopho zezezimali ezicindezelayo njengemingcwabo, imishado, izindleko zokwelashwa, nokuvulwa kwezikole.
INSELELE ENGAKAZE IBONWE YESIKHUNGO ESINOMLANDO
Okwenzekile kuyishwa futhi akukaze kwenzeke. I-Ithala isibe yisikhungo esithembekile iminyaka engaphezu kwengama-60, isebenzela imiphakathi ngokuziqhenya KwaZulu-Natal futhi ihlinzeka ngosizo olubalulekile lwezezimali kulabo abasezindaweni zasemakhaya nasezindaweni ezinganakekelwa kahl
UKUZIBOPHEZELA EKUXAZULULENI LE NKINGA
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThami Ntuli uzibophezele kwisixazululo salolu daba naseludlulisele kuMengameli , efuna izixazululo eziphuthumayo zokuvikela abafaka imali kanye nokusimamisa ukusebenza kwe-Ithala’s.
“Lena akuyona indaba yokungabi nazimali kodwa eyokuqinisekisa izinqubo ezinobulungiswa nezilinganayo ekubhekaneni nezinselelo zamalayisensi nokusebenza kwe-Ithala’. Kubantu baKwaZulu-Natal, ngiyakuqinisekisa ukuthi izimali zabo ziphephile, futhi senza konke okusemandleni ukuxazulula lolu daba ngokushesha. Sicela ningethuki – uhulumeni wenu usebenza ngokuzikhandla ukuze aqinisekise isinqumo esinobulungiswa esibeka phambili izimfuno zenu kanye nokuqinisekisa ukuthi abahlwempu kakhulu bangaqhubeka nokufinyelela e-Ithala futhi babambe iqhaza emnothweni ojwayelekile”, kusho uMfundisi Zondi.
Uhulumeni Wesifundazwe SakwaZulu-Natal, ngokubambisana nababambiqhaza abafanelekile, usazibophezele ekuvikeleni abafaka imali’, ukusimamisa ukusebenza, kanye nokugcina ifa le-Ithala.
