By Sabie Chili
Zinkani zababili phakathi kwa maqembu StellenBosch FC ne TS Galaxy kowamanqamu Carling knockout cup Moses Mabhida stadium.
Lomdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama, kanti sekukhulunywe ngawo isikhathi eside benokungabaza ngenxa yamaqembu amancane azobe ebanga indebe.
Uma uzwa umphakathi ukhuluma ngelomdlalo onamuhla iningi labantu licheme ezika Tim Sukaz, iThe Rockets ngenxa yomlando walo eyakwenza ngonyaka ka 2019 liqukula indebe ye Nedbank cup ishaya Kaizer Chiefs ngo1-0 khona enkundleni yase Mabhida.
Yize ungavuni qembu kulawa womabili ngenxa yokuthi akuwona awase KZN kodwa kubonakala Usihlalo we Galaxy uSukazi esebenze ngokuzikhandla enxenxa umphakathi wase Thekwini ukuba ugcwalise inkundla futhi weseke iqembu lakhe kusukela isonto iqala.
Uhambele amalokishi amaningi akhele idolobha itheku kanye nasezinxanxatheleni zezitolo phakathi nedolobha iWorkshop.
Akubuzwa ukuthi Leliqembu elijwayele ukuba nenqwaba yabadlali base Kzn elingase lishone selingo ompetha abasha balendebe.
Okunye okwenza lithandwe Leliqembu lika USukazi, inkosikazi wakhe uDudu Sukazi ophinde abengumphathi weqembu lamantombazane le TS Galaxy eligijima ku Hollywood bets Super league ungowokudabuka ethekwini elokishini laKwandengezi, okwenza ukuba umphakathi wangakubo uzophuma ngobuningi uuzomeseka.
Nginxusa bonke abazoza kulomdlalo wamanqamu batheleke enkundleni BEGQOKE imibala bomvu ukuze badide izitha iStellies yase Kapa kubeka “uSukazi”
Lonke leli viki esiphuma kulo nethimba lami besinxenxa umphakathi ukuba ufike ngobuningi bazoseseka babe ngimdlali wesi 12 enkundleni, besiphisana namathikithi amahala, kanti siphinde sahlela namabhasi amahala nokuyizindleko zeqembu ngenxa yothando lethu kubantu base thekwini kusho “uSukazi”
Kulemijikelezo ye TS Galaxy beyihambisana nowayengumdlali wabo owayengomunye wabaqukula indebe ye Nedbank Cup u-Snethemba Ngidi okunguye umvusi wenyamazane ngephasi ayiphakela u Zakhele Lepasa owaginqwa ebhokisini nokwagcina kuyi penalty, naye uveze ukuthi usuku lwanamhlanje umgqibelo lwaziwa ngokuthi yi RED SARTUDAY, INKUNDLA yase Mabhida bazoyipenda ibe bomvu, liyanetha alinethi kodwa uyabethemba abantu base thekwini bazotheleka ngobuningi babo njengenjwayelo.
AMathikithi alomdlalo abiza R40 eTicketpro
| ReplyForward |
| ReplyForward |
