Selizakhele igama ibhizinisi laselokishini KwaDabeka eSub-5 iThobzinana Bakery.

Izithombe : Thobzinana Bakery

Impumelelo ngokwejwayelekile yesekelwa phezu kokuzidela nokuzimisela njengoba uThobekile Mtshali oneminyaka engu-36 wase-R107 Wyebank Road, KwaDabeka, Sub 5, loku ekufakazela ngezenzo zakhe zonke izinsuku.

NjengoMsunguli kanye noMnikazi weThobzinana Bakery, uThobekile uguqule uthando lwakhe lokubhaka lwaba yibhizinisi elikhulayo elinakekela umndeni wakhe futhi libuye lisungulele amathuba kwabanye. Uvuka kusempondo zankomo, aqalise umsebenzi wosuku . Isisho esithi ayikho inkomo yobuthongo uphila ngaso usuku nosuku njengoba elala amahora ambalwa nje, bese akhahlele ingubo ngokushesha ukuze aqale ukubhaka amakhekhe amasha. iThobzinana Bakery ibhaka izinhlobo nhlobo zamakhekhe okuzalwa ,imicimbi yezinkampani ezizimele, kanye nezinye izinhlobo zamakhekhe ezehla esiphundu nezisuke zizothengiswa kumakhasimende kulo lonke elaseThekwini.

Usuku lwakhe alupheli ekhishini. Uma ukukhiqizwa sekuqediwe, uthumela abathengisi bangaphakathi ukuba baye ezindaweni ezahlukene zokuthengisa nasedolobheni ePinetown nasezindaweni ezakhelekuyo ngenkathi yena ezibambele mathupha ethengisa eceleni kukaNandi Drive.

Naphezu kokuba engumnikazi webhizinisi, ukholelwa ekubeni ngumholi ozibandakanya phambili futhi uyaqhubeka nokusebenza nethimba lakhe nsuku zonke.

Njengabo bonke osomanhizinisi ababhekana nezinselelo, naye uThobekile akuzange kube lula . Ukuhamba kukagesi okuqhubekayo kuye kwamosha isitoko sakhe esibalulekile futhi kwathikameza umkhiqizo, okwenza kwaba nzima ukukhulisa ibhizinisi ngesivinini asicabangayo. Isidingo sakhe esikhulu ukuthola uxhasomali kanye nemishini yokubhaka yesimanje ezomvumela ukuthi andise umkhiqizo, anciphise ukulahlekelwa futhi adale amathuba emisebenzi engeziwe.

Naphezu kwalezi zithiyo, uThobekile usehambe ibanga kulendima yokubhaka. Uke wanikezelwa ithuba lokuba abhake ikhekhe le-B-Epic, inkampani eyaziwa ngemikhiqizo ethengiswa emhlabeni wonke. Lelo thuba layibeka kwibalazwe ibhikawozi laqinisekisa izinga eliphezulu lomsebenzi wakhe futhi lavula isahluko esibalulekile ekukhuleni kweThobzinana Bakery.

Indaba kaThobekile ingokuzimisela, ukubekezela kanye nokuzethemba ngokuphelele . Uyaqhubeka nempumelelo phezu kwazo zonke izinkinga, efakazela ukuthi impumelelo ayinqunywa yizimo kodwa inqunywa yisibindi sokuqhubeka lapho kuvela izinselelo. Ngokusekelwa okufanele, uxhaso kanye nemishini, unethemba lokuyisa iThobzinana Bakery ezingeni eliphezulu kakhulu ngenkathi ekhuthaza abanye besifazane ukuba baphishekele amaphupho abo ngesibindi.

Ukuze uthole ama-oda ekhekhe kanye nemibuzo, xhumana noThobekile Mtshali ku-064 439 9346 noma ku-Facebook: Thobzinana Bakery .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *