
Isithombe : EDTEA KZN website
KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika – Juni 25, 2024: UNgqongqoshe osanda kuqokwa Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo, uMfundisi Musa. K Zondi, namuhla umemezele ukwakhiwa kwezinhlangano ezintsha kanye namathimba azo obuholi kulandela inqubo ebalulekile yokulinganisa. Lolu hlelo lwamasu luhlose ukwenza lula ukusebenza, ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza, ukuqeda ukuphindaphinda, nokudala ukusebenza kahle ngaphakathi koMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo (EDTEA).
Njengengxenye yohlelo lukazwelonke lokulinganisa izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zomphakathi ezine zihlanganiswe zaba izinhlangano ezimbili ezintsha. Lesi sinyathelo kulindeleke ukuthi sithuthukise ukulethwa kwezinsiza ngendlela eyongayo futhi sikhuthaze ukukhula komnotho esifundazweni. Uhlaka lomthetho lwalezi zinguquko lugunyazwe yisishayamthetho ekuphathweni kwesithupha futhi lwamenyezelwa kugazethi kahulumeni ngoMeyi 24, 2024.
Inhlanago yoku- 1: I-KwaZulu-Natal Economic Regulatory Authority (KZNERA)
Isungulwe ngokuhlanganiswa kwe-KZN Liquor Authority kanye ne-KZN Gaming and Betting Board, i-KZNERA izolawula futhi inikeze amandla izimboni zokugembula notshwala KwaZulu-Natal.
•USihlalo: Nks Mbali Myeni
•I-CEO yesikhashana: UNksz Portia Baloyi
Inhlangano yesi- 2: KwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA)
I-KZNTAFA iphuma ekuhlanganisweni kwe-KZN Tourism kanye ne-KZN Film Commission. Ibhizinisi lizogxila ekukhangiseni nasekukhuthazeni izimboni zezokuvakasha nezilalelwayo nezibukwayo, ukwenza lula ukuthuthukiswa komkhakha, ukudala ukukhula okusimeme namathuba emisebenzi, kanye nokubhekana nokungalingani komlando kwingqalasizinda, amakhono, kanye nokusatshalaliswa kwezinsiza.
•USihlalo: Prof. Thandi Nzama
•Isikhulu esiphezulu sesikhashana: Mnu Sibusiso Gumbi
Inhlangano yesi-3: Isikhungo Sesikhwama Sokukhula KwaZulu-Natal (KZNGFA)
Lo Mthetho wesikhungo esixhasa ngezimali ugunyazwe ukuthi ufakwe ohlwini ngaphansi koMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi (PFMA). I-KZNGFA ihlose ukusekela ukukhula okusimeme ngokuxhasa ngezimali amaphrojekthi ezinkampani ezizimele aqhuba impumelelo yezomnotho, akhuthaze ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ahlinzeke ngokufukulwa kwezomnotho kwabamnyama (BBBEE), kanye nokunciphisa ukungalingani.
•Usihlalo: UDkt Cassius Lubisi
•I-CEO yesikhashana: UNksz Tshidi Ikaneng
Inhlanagno yesi- 4: I-Moses Kotane Research Institute (MKRI)
Umthetho we-Institute’s Act nawo ugunyazwe ukuthi ufakwe ohlwini lwe-PFMA. I-MKRI izokwenza ucwaningo lwezomnotho, ikhuthaze ukusungula izinto ezintsha, futhi ixhumanise ukungenelela kokuqeqeshwa nentuthuko okuhambisana nezidingo zomnotho wesifundazwe.
•Usihlalo: Mnu Thinta Cibane
•Isikhulu esiphezulu: UDkt Thandeka Ellenson
•Ibamba le-CEO: Advocate Thembelihle Mapipa
“Lokhu kuqokwa kuphawula isinyathelo esibalulekile ekusungulweni nasekusetshenzisweni kwalezi zinhlangano, okuhloswe ngazo ukukhuthaza ukukhula komnotho, ukwengamela okulawulwayo, ukuthuthukiswa kocwaningo, kanye nokuthuthukiswa kwezokuvakasha KwaZulu-Natal. Umuntu ngamunye oqokiwe uletha ingcebo yobuchwepheshe nobuholi, ebeka lezi zinhlangano ukuze ziphumelele emikhakheni yazo. Sibheke ngabomvu isiqondiso sabo samasu kanye namagalelo abo njengoba siqala lolu hambo lokukhula nokuchuma, kusho u-” uNgqongqoshe uZondi.
UMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezindaba Zemvelo we-KZN udlulisela ukuhalalisela kwawo koSihlalo beBhodi abasanda kuqokwa kanye nama-CEO futhi ulindele ukuthi ubuholi bawo buzoqondisa lezi zinhlangano ezihlanganisiwe empumelelweni nasekusimameni okukhulu.
