UMfu Musa Zondi usingath’ umcimbi wokuvalelisa abafundi abayoqeqeshwa ukukhiqiza izintambo zikagesi

Isithombe: KZN Edtea website

KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2024: UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, uzobe ebambe umcimbi wokuvalelisa abafundi abangama-50 abazosuka baye eGauteng ngomhla zingama-29 kuNhlangulana. 2024.

Abafundi (abangama-50) abazinze e-KZN baqasashelwe ukuyofunda ngokukhiqizwa kwamakhebula Kagesi kanye nobuchwepheshe bokukhiqiza. Uma sebeqedile, abafundi bazonikezwa amathuba omsebenzi ngaphakathi kweMwanga Africa Cables (Pty) LTD.

I-Mwanga Afrika Cables (Pty) Ltd yibhizinisi laseNingizimu Afrika labamnyama eligxile ekuklameni, ekukhiqizeni, nasekuhlinzekeni ngezinhlobonhlobo zezintambo zikagesi ezinamandla kagesi aphansi nalawo aphakeme kanye nemikhiqizo yezintambo yeqophelo eliphezulu kanye nesemazingeni omhlaba.

I-Mwanga Afrika Cables ihlela ukusungula imboni e-Dube Trade Port Special Economic Zone eThekwini lapho ihlose ukutshala khona u-R1.3 billion ekwakheni imboni entsha yefekthri yamandla kagesi kanye nezintambo zokuxhumana ngoJuni 2026.

Amalungu abezindaba amenywa emcimbini ohlelwe kanje:

Usuku: NgoLwesithathu, 27 Juni 2024
Isikhathi: 08:00 kuya ku-09:30
Indawo: Ithala Training Centre, 29 Canal Quay Road

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *