I-SALGA Ithi Akusolwe imithetho  enhlakanhlaka  nezihibe zikahulumeni ngokulahlekelwa koMasipala Onjiniyela.

ISouth African Local Government Association (SALGA) KwaZulu-Natal yeseka iSouth African Institution of Civil Engineering (SAICE) eshicilele umbiko yawo ka 2022 wengqalasizinda nohlaba ikhwelo kuhulumeni ukuthi abhekane nezinkinga ezivezwe eKhadini Lombiko Wengqalasizinda ka-SAICE wezi-2022.

 Lo mbiko uveza ukushoda okukhulu kwamakhono obunjiniyela emisebenzini kahulumeni wezwe, okuholela ekutheni omasipala balahlekelwe onjiniyela futhi bathwale kanzima ukugcina ingqalasizinda ebalulekile, ikakhulukazi ekuqoqweni kukadoti kanye nokongiwa kwamanzi ngobuningi,lolushicilelo olubonisa ukuntenga komsebenzi ngenxa yokwentuleka koxhaso lokugcina amakhono.Ngeze kwalindeleka ukuba ohulumeni basekhaya bagcine abaphathi abakhhulu nabanamava uma umnyango ungalula ngokuqondile Zehlukene kathatu izigaba zemiholo kohulumeni basekhaya ngokwahlukahluka:

  • Abasebenzi boMasipala baholela ngokomgomo obekiwe,
  • izimenenja eziphezulu ziholela ngokomthetho ovuna izikhundla zazo. Ungqongqoshe ubeke izigaba ngokwamazinga ayishumi.
  • Amakhansela aholelwa ngokomthetho olaula abaphathi zikhundla eminyangeni.

Nakuba umbiko uqaphela inqubekela phambili eyenziwe omasipala ekuhlinzekeni ukufinyeleleka kuwonke wonke kwingqalasizinda, udweba isithombe esinokufiphala . Imodeli yokuxhasa ngezimali ingqalasizinda yomasipala, elindele ukuthi omasipala bazenzele u-90% wemali engenayo ukuze basebenzise izindleko ezivamile, ayinangqondo uma kubhekwa ukukhula okuphansi komnotho wezwe, ukungalingani, kanye namazinga okuntuleka kwemisebenzi.

Lo mbiko uphinde uveze izinkinga ezithile ezihlelekile ezibhekene neziphathimandla zikamasipala ze-Water Services Authorities (WSA), okuhlanganisa amanani amanzi angalungile, ukungakwazi ukukhokhisa ngezindleko, kanye nezinhlobo zoxhaso olwanele ezingabali ubungozi obunjengokucishwa kukagesi. Ukwehluleka ukubhekana nalezi zinkinga kungase kubangele ukwanda kwezifo ezibangelwa amanzi kanye nokwehla kwezinga lamanzi ezweni lonke.

Lo mbiko ugcizelela umsebenzi kahulumeni wokweseka omasipala ekuhlinzekeni ngengqalasizinda, njengoba kuvezwe kumthethosisekelo. Uma uhulumeni ebambezela isikhathi eside ukuthatha izinyathelo, liyokhula igebe lezimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *