LETHULWE KABUSHA IQEMBU LOMBHOXO ENYANGENI KANCWABA

Isithombe ngo: Candiese Lenfern

Bekusindwe ngobethole ezinkundleni zemidlalo edolobheni iTheku e-Kings Park Rugby Stadium njengoba isikhondlakhondla senkampani ezimele besenze umcimbi wokumenyezelwa kwayo njengabaxhasi abasha beqembu lombhoxo. Lenkampani yakwa HOLLYWOODbets ibimeme bonke osaziwayo kanye nabezindaba ukwethula lesimemzelo. Kuye kwaba nemidlalo ebuye yabandakanya nezimenywa  imbala nakuba lemidlalo bewungena ngokuzikhethela kodwa ijabulisile yafaka nomdlandla ebantwini ebebethamele lomcimbi. Kube namaqembu anandise ngemidanso enhlobonhlobo kwaphetha ngezibiliboco .Lesimemezelo senziwe ezinkundleni zemidlalo zaliqembu lombhoxo ebelaziwa nge Kingspark Rugby Stadium neseyibizwa nge HOLLYWOODbets Sharks Stadium . Akugcinanga ngokushintshwa kwegama lenkundla kepha neqembu  alisazubizwa nge Sharks kodwa sekuyi HOLLYWOODbets Sharks Rugby team. Lesimemezelo sisho ukuthi lesikhondlakhondla senkampani yiso esesibhekene nezindleko ezeyamene nezezimali kuleliqembu lombhoxo.  Kuye kulethe ithemba ukubona izinkampani zisondela ukuthuthukisa ezemidlalo kulesifundazwe esinendlala yamaqembu asemazingeni aphezulu ikakhulukazi kowombhoxo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *