Ibandla lama Adventist esiyingini se KwaZulu Natal -Free State Conference lisingathe owokubungaza abesimame ngenyanga yabo emcimbini obuse Portshepstone.
Lombungazo wabesimame udonse impela viki yonke njengoba absifazane bebesuka ezindaweni ezahlukene bebuthane khona ukuzwa izintshumayelo ,imikhuleko kanye nokwelulekwa ngokomoya nangoko mqondo. Isihloko salomcimbi besithi Woman of Valor nesikhethwe ngenhloso yokuhlomisa abesimame ngolwazi nokuveza ukuthi banamandla kangakanani. Kaningi abesimame uma bephansi kwengcindezi bayavamisa ukuthi baze baphathwe ukhwantalala ngenxa yokungakutholi ukwesekwa kulezozimo abasuke bedlula kuzo.
Kulombungazo baye bathola imikhuleko,izintshumayelo kanye nokuthuthukiswa ngokomqondo nangokomoya. Bathole nezipho akade bezilungiselwe abahleli bombuthano nokuyi Bandla lamaAdventist.
Ngesonto sekuhlukanwa abasefazane baye bavunula ngokobuzwe babo nokuye kwaveza umuzwa wokubumbana kwezinhlanga ezahlukene.
