UMBHIDLANGO KAHULUMENI NGOSOZIMBONI ABAFUFUSAYO

Uhulumeni usephume umbhidlango wokusiza osozimboni abasafufusa kanye nalabo abanesifiso sokusebenzisa amakhono abo ukufukula umnotho wesifundazwe kwaZulu Natal. Kamuva nje uhulumeni ube nombukiso wosozimboni bemikhiqizo enhlobonhlobo lapho bewusingathelwe e ICC.

Osomabhizinisi bahlonyiswe ngolwazi oluwusizo ekuthuthukisweni kwamabhizinisi abo baphinde bathola nolwazi mayelana nezindawo zikaHulumeni ezihlinzeka ngoxhaso mali kosozimboni. Injabulo ibibhalwe ebusweni kosomabhizinisi abancane ngethemba lentuthuko evela kuHulumeni.Lombukiso wethulwe nenyangeni kaNtulikazi Kuwo lonyaka ka2023,kanti iqhubeke njalo imicimbi yokugqugquzela labo abazisebenzayo kanye nalabo abanesifiso sokuzisebenza. Usizo lukhona seyilele kithi ukuthi senza njani. Ithimba lenjobo lithi ‘Phezu Komkhono!’

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *