
Ngu- Ntandoyakhe Nxumalo
Abaholi bezokuvakasha babuthene eThekwini ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni i-Africa Travel Indaba ka-2026 kwabezindaba.
UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZulu-Natali, uMfundisi Musa Zondi, ugcizelele ukubaluleka komcimbi we-Africa Travel Indaba esifundazweni kanye nasezweni.
Umhlonishwa uZondi uqinisekisile ukuthi i-Africa Travel Indaba izokwenzeka kusukela mhla ziyi-11 kuNhlaba 2026 eThekwini e-International Convention Centre (ICC). Uthe iKwaZulu-Natal ibilokhu ibamba lo mcimbi cishe iminyaka engamashumi amathathu, okwenza lokhu kube isikhumbuzo esikhulu kwikhalenda lezokuvakasha lesifundazwe.
UNgqongqoshe Wezokuvakasha eNingizimu Afrika, uPatricia de Lille, uthi umkhakha wezokuvakasha wezwe uyaqhubeka nokukhula njengoba amalungiselelo e-Africa Travel Indaba ezayo eqhubeka.
Ekhuluma kulomcimbi omkhulu, uDe Lille uthe lo mhlangano uyithuba lokuqaphela nokugubha imboni yezokuvakasha ngendima eyidlayo emnothweni wezwe.
Ungqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa uzobe ekhona ukuzovula ngokusemthethweni i-Africa Travel Indaba yalo nyaka. Lo mcimbi uzokwenzeka ngaphansi kwesihloko esithi “Unlimited Africa: Growing Africa’s Tourism Economy”.
Uphinde wembula ukuthi abahleli bahlela izinguquko zekusasa le-Africa Travel Indaba futhi wakhomba imicimbi yomhlaba wonke ezayo, wayese veza ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe Yomhlaba Yekhilikithi ka-2027, okulindeleke ukuthi ihehe izinkulungwane zezivakashi.
“Ngonyaka ozayo nizozobona i-Africa Travel Indaba evuselelwe,” kusho uNkk. De Lille.
Lo mcimbi waminyaka yonke usalokhu ungomunye wemibukiso yezokuvakasha ehamba phambili e-Afrika, uhlanganisa abathengi bamazwe ngamazwe kanye nababambiqhaza kwezokuvakasha ukuze babonise amathuba okuhamba kulo lonke izwekazi.
