I-Hollywood Foundation ibambe umcimbi wesithathu we-KZN Bambelela Business Awards 2026

Ntandoyakhe Nxumalo

Phot Cred: Ntandoyakhe Nxumalo

Osomabhizinisi abavela kulo lonke elaKwaZulu-Natali bagujwe ngoLwesibili ebusuku njengoba i-KZN Bambelela Business Awards yaminyaka yonke ibibanjelwe eHollywoodbets Greyville Racecourse.

Umcimbi wemiklomelo obubanjwe yiHollywood Foundation uhloniphe osomabhizinisi abangu-20 abaphambili, abawine isabelo semali esingu-R1 million sokuxhasa nokusiza ukukhulisa amabhizinisi abo.Evula umcimbi, uNtokozo Chonco woMasipala waseThekwini wamukele izivakashi futhi wagcizelela ukubaluleka kokusekela amabhizinisi amancane kanye nosomabhizinisi esifundazweni.

Inhloko yeHollywood Foundation, uJason Baker, uthe loluhlelo lweBambelela luhlose ukunika osomabhizinisi amandla nokubasiza bakhe amabhizinisi azinzile afaka isandla emnothweni wakuleli.

UXola Ntshiza, umphathi wesifunda seHollywoodbets, ukhulume kabanzi ngomthwalo wemfanelo ohlanganyelwe wokuthuthukisa amabhizinisi endawo.

“Sonke sinomthwalo wemfanelo ohlanganyelwe wokusekela amabhizinisi endawo,” kusho uNtshiza.

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uThami Ntuli ube khona emcimbini futhi wabonga isisekelo ngokuqhubeka nokutshala izimali kosomabhizinisi bendawo.

“Kunesidingo sokuba sisekele intsha,” kusho uNtuli. Uphinde wamema abahleli balomcimbi ukuthi behlangane naye bexoxe ukuze bahlole ukuthi kungenzeka yini ukuthi kuphindwe kabili isabelo semali yokuxhasa ngemiklomelo yeBambelela Business Awards ngonyaka ozayo.

Phakathi kwabaphumelele abamenyezelwe ngalobo busuku, iHala Lisa, ibhizinisi lasePort Shepstone, lithathe indawo yokuqala futhi lathola u-R145,000.

UHalalisiwe Mcwango, umnikazi weHala Lisa, ubonge iHollywood Foundation ngethuba alitholile wasethi umklomelo awutholile uzosiza kakhuli ekuthengeni umshini wokwenza ikhofi odingwa yibhizinisi lakhe.

IBambelela Business Awards iyaqhubeka nokusebenza njengenkundla yokuqaphela osomabhizinisi abasafufusa kanye nokuqinisa amabhizinisi amancane KwaZulu-Natali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *