
Amalunga eqembu lezombusazwe i MKP KwaZulu Natal aye agasela esakhiweni i Durban ICC nalapho ebeyozwakalisa ukungenami kwawo ngoMengameli wezwe.
Nakuba ezokuphepha beziqinisiwe kodwa leliqembu akulithenanga amandla alo njengoba liqhubekile nombhikisho walo ngaphandle kwezakhiwo. Ababhikishi bebethwele izingqwembe ezibhalwe ukuthi “Ramaphosa must Fall” bekhuza izaga.
uMongameli ubeqhubeka nokwethula inkulumo yakhe yokuvulwa ngokusemthethweni kwalengqungquthela ebiqale ngolwesibili 12/05/2026 nephele khona namuhla ngolwesine.
Amaphoyisa abeloku esiqaphile isimo sezokuphepha njengoba konke kuhambe kahle.
