Kuyihambele Kahle iBanyana Banyana kumdlalo wayo ne-Algeria

Ibhalwe: Aphelele Mathanda Mbotho

Photo Cred: Aphelele Mathanda Mbotho

Iqembu lesizwe labesimame, iBanyana Banyana inqobe ngegoli elilodwa kumdlalo wayo wobungani namuhla ePrincess Magogo Stadium. Amaqembu womabili aqale kahle umdlalo ebonisa ukuzethemba
kakhulukazi i-Algeria njengoba kube ibona abakhombise ukuthi bafuna igoli emizuzwini emine umdlalo uqalile, kepha unozinti weBanyana Banyana u-Andile Dlamini walivimba ngokukhululeka ibhola. IBanyana Banyana nayo ayizange yazibeka phansi izikhali zayo, ibe isizama ukuziphindiselela kungakadluli siskhathi eside.Ngomzuzu weshumi nane abasekhaya bakhombise ukulangazela igoli lokuvula umdlalo lapho uLebohang Ramalepe odlala phambili eshaya ipali,ibhola lase libuyela kuLinda Motlhalo ohluleke ukulifaka Phakathi.
Kepha ngomzuzu ka-35 uNthabiseng Majiya ongumgadli weBanyana Banyana ubesebhokisini wabe eselivalela phakathi kwenethi ibhola.Kusona isiwombe sokuqala iBanyana ibikhombisa ukuthi ifuna igoli lesibili kwangaphumelela.Kwisiwombe sesibili ahlulekile womabili amaqembu ukuthi afake amagoli
yize noma ekade ebambene ngezihluthu. Imizamo yeBanyana ukuthi ithole igoli lesibili ayizange ibe impumelelo. Umqeqeshi we-Algeria, uFarid Benstiti uzwakalise ombono wakhe emuva kokuguqiswa I Banyana ngegoli elilodwa “Ukudlala neNingizimu Afrika, kube ukuhlolwa okujabulisayo ngoba kubaluleke kakhulu ukuthi udlale namaqembu ahlelekile kahle, kanti futh inomqeqeshi uhlakaniphe kakhulu. Lokho kubaluleke kakhulu kimi ukuba ngincintisane.
Kodwa ukudlala neNingizimu Afrika, kube kuhle kithi, kunzima kakhulu ukugcina ibhola ngokushesha, futhi umfutho ubuphakeme ngoba iNingizimu Afrika beyinabadlali abahle kakhulu, futhi phakathi nenkundla bangaligcina ibhola noma ngabe ungaphansi kwengcindezi.” Kubika uBenstiti.

UDesiree Ellis ubike ukuthi lomdlalo ubungekho lula ngakwiqembu lakhe kodwa imiphumela uyayijabulela, futhi uzosebenzisa lomdlalo ukulingiselela umdlalo olandelayo.“Bekungewona umdlalo olula. Asikaze sidlale ndawonye njengeqembu kusukela ngonyaka odlule ngoba besinabanye babadlali abadlale kwiCosafa, kodwa hhayi bonke. Ngakho-ke kwakubaluleke kakhulu ukuthola imizuzu embalwa ngaphansi kwebhande. Ngicabanga ukuthi engxenyeni yesibili, besihleleke kangcono kakhulu.
Kodwa ngiyajabula ngomphumela, kodwa ngicabanga ukuthi sisengathuthukisa indlela yokudlala. Ngokusobala, sizobheka ukuthi sizokwenzenjani emdlalweni wesibili ngoba sifuna ukusebenzisa lomidlalo ukuthi sizobheka lana esingalungisa khona.” Kusho uEllis.
Lamaqembu womabili azophinde azwane amandla okwesibili ngolwesihlanu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *