Izindlela zokuba nobudlelwano nabahlinzeki bebhizinisi lakho ngaphandle kokuchitha imali eningi

Nathi Khumalo

Abanye osomabhizinisi abakunaki ukuthi ubudlelwane babo kanye nabahlinzeki babo bubaluleke kanjani nhlangothi zombili. Khona abachitha imali eningi bethenga kubahlinzeki ababodwa ngenyanga kodwa uthole ukuthi abanabo ubudlelwane obujulile bagcina nje ngokuthenga kuphele kanjalo.

Nazi izinto okumele osamabhizinisi bezinake baphinde bafake umfutho ekuqinisikeni ukuthi ziyenziwa ngenhloso.

Ungenzi sengathi umhlinzeki uyena yedwa okhona

Kwezinye izindawo uma usujwayele ukuthenga kubona isikathi eside bagcine sebekuthatha kancane, benze sengathi uwena odinga bona kuphela, kanti cha akunjalo. Kumele uhlale ubuyekeze isivumelwano eninaso nabahlinzeki ukuze ube nesiqiniseko sokuthi nawe elakho ibhizinisi liyahlomula kulobu budlwano eninabo. Lokhu ungakwenza ngokuthi ucele isaphulelo (discount) uma uzothenga khona, noma ucele bekuvumele ukuthi bakudayisele ngesikweletu ukuze uzebenzise leyomali ukufeza ezinye izidingo eziphuthumayo zebhizini njengokuholela abasebenzi. Ungaphinde ucele ukuthi bakuvumele uthenge impahla ukhokhe emva kwenyanga kunokuthi ukhokhe yonke imali uma uzothenga.

Thenga izimpahla ozokwazi usheshe uzidayise

Uma uyothenga impahla kubahlinzeki bakho qinisekisa ukuthi uthenga ngobuchule (smart buying). Qala ngokubheka ukuthi yiziphi izimpahla ezisheshe zidayiseke kungene imali ebhizinisini, ungavele uthenge ngoba ubona izaphulelo noma kunentengiso yamanani aphansi. Lokho kungadala ukuthi uthenge impahla ezohlala isikhathi eside engathengwa bese ivimba indawo esitolo sakho noma lapho ogcina khona impahla (warehouse), kunyuke nezindleko zomushwalense wokuvikela zona izimpahla.

Yakha ubudlelwano bamasu kanye nabahlinzeki bakho

Abahlinzeki bakho kumele bekuthathe njengomlingani hhayi nje umthengi, lokhu ke ukwenza ngokuthi ujwayele ukuxoxisana nabo noma ungezile ukuzothenga. Hlela ukuphuza nabo itiye noma ikhofi noma kungaba kanye njalo emva kwezinyanga ezimbili. Lapho nisuke nithola nethuba lokwazana kangcono, ubaqonde ukuthi yini abayikhonzile, indlela abahlela ngayo izinto, nokuthi uxoxisane nabo ngokwenzeka embonini enisebenza kuyo. Lobubudlelwano bamasu bungagcine sebuholele ekutheni nabo baqonde ukuthi balidinga kanganani ibhizinisi lakho ukuze bephumelele, lokho ke okungadala ukuthi bekubone njengomlingani abangakhulisa naye amabhizinisi. Uyothola futhi ithuba lokubeka zonke izikhalo zakho uma unazo nabo bethole ithuba lokuthuka izimpendulo kubathengi ukuze belungise noma bephuhlise lapho okudinga ukulingiswa khona.

Qhathanisa imali oyichitha kubahlinzeki kanye nenzuzo oyenzayo

Kubalulekile ukwenza ucwaningo lemali othenga ngayo ubheke ukuthi wena ibhizinisi lakho enza inzuzo engakanani. Uma ungakwenzi lokhu kungabanga ukuthi ungakwazi ukubona ukuthi uthenga ngobuchule noma cha. Kanti futhi ngeke ubone uma sekufike isikhathi sokuthi usabalalise izindawo othenga kuzo, ukuze izinga lenzuzo oyenzayo likhule.  Lolucwaningo ungalenza ngokuthi wakhe ikhadi lamaphuzu (scorecard) lapho bonke abahlinzeki bakho bazobe behlolwa ngendlela efanayo. Lelikhadi kumele lihambisane nezinjongo zebhezinisi lakho, ingabe izimpahla baziletha ngesikhathi noma babuye bezilethe emva kwesikhathi, ukukhula komsebenzi kanye nenzuzo oyenzayo.

Ngiyethemba ukuthi lemibono engenhla izokwenza umehluko ebhizinisini lakho, iphinde yenze bonke osamabhizinisi bezibuze imibuzo ngobudlelwano abanabo nabahlinzeki babo. Konke lokhu kuyogcina ngokuthi kunyuke izinga lenzuzo oyenzayo ebhizinisini lakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *