Ungqongqoshe we-KZN EDTEA uMfu Musa Zondi uhlangane nabe-Sisonke Liquor Association ukubhekana nezinqinamba zemboni

NgoLwesine, mhla zi-3 kuMfumfu wezi-2024, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, uhlangane nabamele iSisonke Liquor Association ukuze kubhekwane nokukhathazeka okuvela embonini, ikakhulukazi labo abeyamene nenqubo yokunikezwa kwamalayisensi amabhizinisi otshwala, okuhlanganisa izitolo zikatshwala namathaveni.

Phakathi nomhlangano, inhlangano izwakalise ukungeneliseki kwayo ngohlelo oluyimicikilisho kakhulu lokuvuselelwa kwamalayisensi kanye nezimali ezikhokhwayo. Bakhale kakhulu nangemigoqwane okufanele amabhizinisi adlule kuyo, okubangela ukubambezeleka nokukhungatheka.

UNgqongqoshe uzizwile izinselelo imboni yotshwala ebhekene nazo waqinisekisa usoseshini ukuthi izikhalazo zabo zizobhekwa. Uzwakalise isifiso sokubona uhlelo lusebenziseka kalula, luvumela amabhizinisi ukuthi agxile ekukhuleni kunezinkinga zokuthobela imithetho.

Ngaphezu kwalokho, uMfundisi Zondi uphinde wagcizelela ukuthi uMthetho Wotshwala we-KZN usamile kodwa waqinisekisa ababambiqhaza ukuthi uhulumeni uzogxila ekuhleleni izinqubo zokuthobela kahle. UNgqongqoshe uphinde wagcizelela ukubaluleka kokukhuphula abantu abamnyama embonini yotshwala, aqinisekise ukuthi bangakhula futhi baphumelele kulendima.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *