Ubaphonsele inselelo ontanga yakhe ukuba bangene ebhizinisini uNothando Chisane

Owesifazane osemusha uhlabe umxhwele izihambeli nezicukuthwane ngohlobo lwebhizinisi angene kulo lemikhiqizo yokunakekela isikhumba neliqanjwe ‘uThando Glow Skin Care’. Lona owesifazane ogama lakhe uNothando Chisane ubencintisana nabanye osomabhizinisi ngezethulo ezenziwa phambi kwabatshali zimali , kanye nezihambeli zosomabhizinisi emcimbini wokubungaza usuku lwabesimame obuhlelwe ibhange lakwaFNB ngokubambisana nenhlangano yosomabhizinisi i Durban Chamber of Commerce and Industry emhlanga mhla ziyi 15/08/2024.

Injobo Newspaper ixoxisane no Nothando ukuthola kabanzi ngebhizinisi lakhe nokuthi sazi ukuthi ungubani futhi usukaphi.

“Njengoba besengike ngazisho ukuthi igama. ngingu Nothando Chisana,ngokuhlala ngiselokishini lakwaNdengezi kanti ngineminyaka eyi 30 ubudala. Lelibhizinisi ngiliqale eminyakeni emithathu eyedlule,ngenxa yezinkinga engiye ngabhekana nazo ngikhula, bengihlushwa isikhumba esibi kanti abazali bami bebenganawo amandla okungihambisa kodokotela besikhumba. Ngenxa yokuntula usizo ngabe sengizihlupha ukufunda ngamakhambi asizayo nokuyilapho ngabe sengizihlanganisela inxubevange yawo ngagcoba umzimba nokuyilapho ngithole ukusizakala”.

uNothando uthi lezimonyo zakhe zihehe abantu abaningi kwazise ubekhula phambi kwabo beyibona inkinga yesikhumba sakhe nokubenze bamucela ukuba abadayisele nabo lemikhiqizo azakhela yona. Njengamanje uNothando usekwaze ukusabalala ngosizo lwezinkundla zokuxhumana waze wakapakela nakwandonga ziyaduma.

” Isifiso sami ukuthi ngikwazi ukuvula amagatsha kulolonke leli laKwaZulu Natal ukuze ngikwazi ukwenelisa onke amakhasimende ami,kusho uNothando. uphinde waphonsela intshha yakuleli ukuba ingahlali phansi kodwa isukume izithathe ” uma nje unombono othize ungalinge uwuthathe kancane,qala ngaloko onako usizo lokufica ngendlela ” uphinde wagqugquzela ukuba intsha ikhuthalele ukufunda izicije ngolwazi namakhono ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *