Owesifazane uvule ibhikawozi phakathi elokishini lase Mlaza

Ingene kwezwakala imbokodo kwezamabhizinisi njengoba muva nje sebezibambela mathupha emisebenzini eyayidume ngokuthi yenziwa ngamadoda. Iphephandaba lakho lixoxisane nomunye usomabhizinisi emcimbini wokubungazwa kwabesimame njengoba lomcimbi ubudle ngemibukiso yamabhizinisi anhlobonhlobo, nokuphinde kwaba nethuba lezethulo phambi kwabatshali zimali. Lomcimbi ububanjelwe emahhovisi akwa FNB agudle ulwandle lwasMhlanga nokuyibo abaxhase lomcimbi ngokuhlanganyela ne Durban Chamber of Commerce and Industry.

Elandisa umhleli wephephandaba uNkosazane Hlengiwe Shandu ongumsunguli nomqondisi weBhikawozi elizinze elokishini lase Mlaza nelaziwa nge Gemisquare Bakeries, uthi “Ngiqale ukubhaka ngonyaka ka 2014 ngibhaka amakhekhe uma ngithole ithuba ngoba nami ngangisasenza ngalesosikhathi kanti futhi ngangikwenza nje ngenxa yokuchitha isizungu. Kuthe ngonyaka ka 202 nokuyisikhathi engabona ngaso intengo yezinkwa inyuka ngezinga eliphezulu ngaba nombono wokuthi kumele umphakathi wangakithi uthole okungcono nokuyilapho ngasungula iBhikawozi ekhiqiza izinkwa ezisezingeni eliphezulu ngamanani afinyelelekayo”.

Uqhube wathi “Okunye okuye kwasiza nakakhulu kulelibhizinisi ukuthi nasesikhungweni semfundo yamabanga aphakeme okuyi DUT ngangenza izifundo ezeyamene nokudla nokwenza kube nomthelela omuhle kulendima” u Hlengiwe ubuye waveza ukuthi noma imfundo ikhona kepha uthando lomsebenzi nalo linendima eliyidlalyo. Embuzweni kaMhleli wokuthi ezokuphepha kungabe ziqine kangakanani njengoba ubugebengu budlangile emalokishini ethu uphendule ngokuthathekisayo emamatheka, “Kungisize kakhulu ukusebenzela ngasekhaya njengoba namathuba omsebenzi atholwe umphakathi wendawo,ngaphunde ngathola okukhulu ukwesekwa kuwo lomphakathi,ngizizwa ngiphephile njengoba amalunga omphakathi nawo ezizwa eyingxenye yeBhikawozi” .

Esephetha enkulumweni yethu uvale ngamazwi akhuthaza abesifazane ukuba bafunde ukuzimela egcizelela ngokuthi ” akekho umuntu ongenaso isiphiwo sakhe,sonke sizalwe sinezabelo esidalwe nazo ngakho kumele sisukume sidale amathuba emisebenzi”. Njengawo wonke usomabhizinisi uHlengiwe naye ulangazelela ukuthi iBhikawozi ikhule iye phambili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *