Sabie Chili
Usihlalo kuma Special schools Kwazulu-Natal uZama Mpungose uthi konke sekumi ngomumo ngemidlalo ezokuba ngeviki elizayo kulesifundazwe edolobheni eThekwini lapho kuzoba nemidlalo yezikole zezingane eziphila nokukhubazeka kuzwelonke.
Lama Special schools okukhulunywa ngawo izikole zezingane ezisuke
ziphazamisekile ngokwempilo kodwa ezinethalente elimangalisayo
kwezemidlalo. Lemidlalo izobe idlalelwa ezinkundleni ezahlukene eThekwini kuqhudelana izikole eziqhamuka kwezinye izifundazwe ezahlukene eNingizimu Africa kusukela ngo 8 ekuseni ngeviki elizayo lomhlaka 3 April isongwe mhlaka 7 April 2024.
”Lemidlalo yaminyaka yonke izokube isingethwe yisifundazwe Kwazulu-Natal kulonyaka kanti siyilungele ukuthi ibeyimpumelelo njengoba ukube kuya ngathi ngabe iyaqala kusasa ikhonake nje ukuthi phela izinsuku sezibekiwe,kanti siyezwa ukuthi nezinye izifundazwe ziyaqinisekisa ukuthi ziyilungele lemidlalo“, Kusho uMpungose.
UMpungose uphinde waveza ukuthi lemidlalo ibingeke ibeyimpumelelo
ukube abaxhaswanga umnyango wezemidlalo, amaciko namasiko oholwa ngumhlonishwa uNtuthuko Mahlaba, umkhandlu weTheku kanye
nomnyango wezemfundo oholwa umhlonishwa Mbali Frazer Kwazulu-Natal abaqinisekise ukuthi konke kuyatholakala ukuze ibeyimpumelelo.
Lemidlalo ihlanganisa iCricket – Hooker ecishe ifane ne Hockey, ukuthi yona ilungele umdlali osebenzisa isandla esisodwa esinye esingasebenzi – Blackball pool, edume nge Snooker – Table Tennis – Indoor Rowing kanye ne-Swimming. Kulindeleke abadlali abalinganiselwa ku 123 abazobe begadulisana kulemidlalo . Nazi izinkundla okuzodlalelwa kuzona:
. Hooker – Table Tennis – Indoor Rowing UKZN Old Mutual sports Centre
. Swimming Kings Park swimming Pool
. Black Ball Pool/Snooker Curnobia
. Cricket Cator Manor Cricket grounds
