Inkulumo-mpikiswano ye bhande lika Kapteni wamabhokobhoko iyaqhubeka

Sabie Chili

Inkulumo-mpikiswano yokuthi ubani ongathatha ibhande lokuba yi Kapteni weqembu lesizwe Amabhokobhoko Uma egcina ngokuphucwa uSiya Kolisi kulesikhundla iyaqhubeka

Abaningi bathipha iLock yeqembu uEben Etzebeth ekutheni nguye ongangena khaxa ezicathulweni zika Kolisi ekuholeni leliqembu.

Ngabe Etzebeth ukulungele ukuqhoqhobala lesikhundla? Mhlawumbe ngeke kkube emva kweminyaka kodwa yinto esangenzeka ngisho kumdlalo wokuqala wamabhokobhoko we Test nelase Wales London ngo June. 

Umqeqeshi wamabhokobhoko uRassie Erasmus useke wakuveza obala ukuthi uyafika ukuba ukapten weqembu lesizwe kube ngodlala emaqenjini azinze kuleli eningizimu Africa, uma kunjalo abaningi babona le Lock edlalela IHolywoodbets Sharks yase Thekwini, kanti ibihlala France eminyakeni emibili edlule. 

U Kapteni uSiya Kolisi usezinze France eqenjini iRacing 92.

Umdlalo wokuqala we Test  weqembu lesizwe Amabhokobhoko selokhu anqoba indebe yomhlaba ngonyaka odlule lapho ezobhekana ne Wales maningi amathuba nokubona u Etzebeth egqoke ibhande Uma Esaqhubeka umqeqeshi Erasmus nokufuna ukapten ozinze kuleli. 

Lomdlalo we Test awukho ngaphansi kwe khalenda. Le International Test kanti kuyamphoqa umqeqeshi asebenzise abadlali abadlala kwi league yakuleli ngoba Amaqembu aphesheya kwezilwandle ngeke abadedele abadlali okuhlanganisa UKolisi, Steven Kitshoff, Handre Pollard ukubala nje abambalwa. 

Kodwa abazinze eJapan bazoba khona kulemidlalo. 

U Etzebeth owayengu Kapten ngo 2017 kanti Ubeke angene Uma UKolisi engekho. 

Ngokwe sarugbymag. co. za u Etzebeth uyazihola ngo 63% kulandele uLukhanyo AM ngo 20% kuze uBongi Mbonambi ngo 11%, uFrans Malherbe ngo 5% kwesokuba ukapten eLondon sebebhekene ne Wales

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *