Sabie Chili

Kuhlelwe imidlalo yebhola ezokube isezinkundleni zase Parlock eNewlands East kusasa ngomgqibelo womhlaka 16 March.
Inhloso yalemidlalo ukubungaza isihlabani sebhola uThabani Mthembu osewadlula emhlabeni, kanti izokwaziwa nge Thabani Mthembu U17 pre-season cup lapho kuzobe kugadulisana Amaqembu angama Academy.
Kubalwa iBissa Football Academy, British Football Academy, IButho Sport Development kanye ne Mayville Classic United.
Omunye wabahleli balemidlalo uSnethemba ‘Snebe’ Ngidi owayedlala naye eqenjini le Supersport United nasemaqenjini amancane lesizwe uthi Inhloso yalemidlalo ukubungaza impilo ka Gonzalo okuyigama ayeteketiswa ngalo, nokuthi bazobe benza into Mthembu ayeyithanda kakhulu ukudlala Ibhola. Wayethanda ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe, abangani bakhe ikakhulukaz ayedlala nabo ibhola, nokugqugquzela intsha ukuba izibandakanye kwezemidlalo ngoba kusiza kakhulu ekukuvikeleni ezintwen ezingalungile.
U” Snebe” Uqhube wathi babonga umndeni ka Mthembu ngokubanika izibusiso ukuba baqhubeke nokuhlela lemidlalo.


UThabani Mthembu udlalile ku Supersport United, Platinum Stars, Vasco Da Gama, Bafana Bafana, GWP Friends ne Dabeka Sporting.
