Inkampani ekhiqiza izinkwa nohlelo lokwakhela ojahidada izindawo zokudlala

By Sabie Chili

Inkampani ekhiqiza izinkwa SASKO iqhamuke nohlelo oluhle kakhulu lokwakha izindawo eziiphephile ngokwezinga eliphezulu, lapho Kuzodlala khona izingane ezineminyaka ngaphansi kweyishumi ezikoleni ezingama Primary kanye nasezinkulisa.

Loluhlelo baluqale ngonyaka odlule  kuzozonke izifundazwe kuleli, kanti babambisene namalunga omphakathi okuyiwo thumela amagama yezikole zama banga aphansi nezinkulisa  ukuze kusizakale izingane zithole indawo ephephile yokudlala.

Oyi Marketing Director yakwa SASKO ngaphansi kwaka PEPSICO uNKZ Nomsa Khanyile uthi Loluhlelo lubizwa ngokuthi SIYAZAMA lapho abakwa SASKO behambela izifundazwe nezindawo ezahlukene ukwakha izindawo zokudlala eziphephile. 

UNKZ Khanyile uqhube  wathi bagqugquzela amalungu omphakathi Wonkana ukuba abambe iqhaza ku loluhlelo ukuze kusizakale abantwana ngokuthi bathumele amagama ezikole nezinkulisa njengoba sekuvuliwe kuze Kuvalwe mhlaka 30 April 2024. 

Okumele umphakathi ukwenze ukuthi uqhubeke nokuthenga imikhiqizo yakwa SASKO okubalwa amaabhanisi, ama rolls nezinkwa bese beyathumela nge WhatsApp noma bathwebule iQP code, igama lesikole noma inkulisa ofisa kwakhiwe indawo yokudlala abantwana. 

Kanti othumelayo naye uzibeka ethubeni lokuzihlomulela imali engu R5 000.

Ungaphinde uvakashele ku website yakwa SASKO ku: www.sasko.co.za. Ezikhona nezinkundla zokuxhumana zakwa SASKO.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *